UPitso uncome umsebenzi kaHunt, wathi akazomjoyina enhla ne-Afrika

UPitso uncome umsebenzi kaHunt, wathi akazomjoyina enhla ne-Afrika
UGavin Hunt
OkaDonga Gumbi

UPitso Mosimane usencome umsebenzi kaGavin Hunt ababesebenza naye kwiligi eyodwa eNingizimu Afrika ngaphambi kokuthi aye kwi-Al Ahly e-Egypt.

UHunt kumanje akanaqembu kusukela axoshwa kwiChippa United abekuyo ngasekuqaleni kwesizini.

UPitso ubhale kwiTwitter ngeSonto ekuseni encoma amagalelo kaHunt wabe esemxenxa ukuba azoqeqesha enhla ne-Afrika. 

“Ngiyakuhlonipha kakhulu, uyinqobe imincintiswano yaseNingizimu Afrika. Umlando uquqophile,” kubhala uPitso.

“Uma sithola usuku singasebenzi ngizocela umngani wami onesikebhe sokutshuza olwandle asingenise eMediterranean siyodoba sibuke amahlengethwa.”

UHunt uphendulile wathi ngeke enqabe uma kungavela ithuba lomsebenzi e-Egypt, waphinde wachaza nokuthi usazohamba aye e-England la ezoyofunda kuPep Guardiola kwiManchester City.

FUNDA NALA: UMaduka udalula imfihlo ngokushaya kweRoyal AM amagoli ekupheleni kwemidlalo

“Ngiyakufisa ukuza ngalapho! Ngitholele umsebenzi. Ngiyaziqhenya ngawe nakho konke osukuzuzile.

“Ngiyayinheka njalo imiphumela yakho lapho futhi ngikujabulele kakhulu. Lungisa leso sikebhe lapho.” 

Ephendula uPleasure Mongalo ombuze ngokuthi uhambe kanjani e-England nokuthi ufundeni akubone ukuthi sisele kukho kuleli. 

“Angikakayi okwamanje skhulu sami. Ngizoya e-England kwiMan City kulamaviki ambalwa ezayo kodwa ngizokwazisa izinhlelo zakhona.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.