UPitso uqede ukuqagela evuselela kwi-Al Ahly

Sihle Ndlovu

UPitso “Jingles” Mosimane usazoqhubeka nokuba umqeqeshi we-Al Ahly yase-Egypt, yize kuke kwaba nokungabaza mayelana nalokhu emasontweni edlule.

Lokhu kuqinisekiswe iyona iRed Devils esitatimendeni sayo, ukuthi lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika oneminyaka engu-57, usazoyibamba eqenjini namaphini akhe eminye iminyaka emibili.

Lokhu kuchaza ukuthi uMosimane uzohlala kwi-Al Ahly kuze kube u-2024, okungubufakazi bokuthi abaphathi beqembu bayamethemba kakhulu.

“I-Al Ahly iyajabula kakhulu ukumemezela ukuthi uPitso Mosimane usesayine inkontileka yokwelula ukuqhubeka ukusebenza eqenjini eminye iminyaka emibili,” kusho isitatimende kwi-website yeqembu.

“Umqeqeshi nabasizi bakhe basayine izinkontileka ezintsha, eqinisekisa ukuthi bazokuba seqenjini kuze kube ngu-2024.”

Isitatimende siqhube sathi: “UMosimane namaphini akhe basayine izinkontileka ezintsha neqembu ukuze kuqedwe amahlebezi abelokhu ekhona esikhathini esedlule.”

Inkontileka kaMosimane ibizophela ngo-Okthoba 2022. Kuke kwavela izindaba zokuthi uma evuselela uzohola imali elinganiselwa ku-R2.5 million ngenyanga. Nokho iqembu aliyivezanga imininingwane mayelana nalokho.

UMosimane uthathe izintambo kwi-Al Ahly ngoSepthemba ka-2020. Waba ngumqeqeshi wokuqala okungeyena wase-Egypt ngokuzalwa, ukuqeqesha leli qembu elihlonishwayo e-Afrika.

Selokhu efike kwiRed Devils uPitso, iwine isicoco seCAF Champions League kabili, iCAF Super Cup kabili nezondondo zethusi ezimbili zeClub World Cup.

NakwiMamelodi Sundowns lo mqeqeshi uhambe esewine inqwaba yezindebe, kubalwa nayo iChampions League ngo-2016.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.