UPitso useqede konke neChiefs, uza kuyo ngesizini ezayo

UPitso useqede konke neChiefs, uza kuyo ngesizini ezayo
UPitso Mosimane eno-Arthur Zwane noKaizer Motaung Junior
Intatheli yeMpempe

Sekuvele ukuthi iKaizer Chiefs seyiqede konke futhi yavumelana nePitso Mosimane, ngokuthi azoyiqeqesha ngesizini ezayo.

Lo mqeqeshi ukwi-Al Ahly kanti kuthiwa ubesevele engahlalisekile kuyo nokuthe uma iChiefs iveza ukuthi iyamfuna, wagxuma wahlala.

Ngokuthola kweMpempe izingxoxo ziqedwe ngoLwesihlanu lomhla ka-1 ku-Ephreli, okuwusuku olubizwa ngeFools Day (usuku lokukhohlisana).

Nathi ke besithi asikwenze lokho njengoba kuwulolu suku futhi ayikho le yokuthi uPitso uza eNaturena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *