UPitso useshiye phansi, kukhonjwa owaseKZN esikhaleni sakhe

UPitso Dladla
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Useshiyile kuThongathi FC uPitso Dladla obengumqeqeshi kuleli qembu elingenzanga kahle kwiGladAfrica Championship ngesizini esanda kusongwa. UDladla wangena kulesi sikhundla ngemuva kokuxoshwa kukaJohnny Ferreira maphakathi nesizini ka-2019/20.

Lokhu kuhletshelwe Impempe nguye uqobo lwakhe uDladla othe usazohlangana nemenenja yakhe babhunge ngokuthi uzoyotohoza kuphi. ICane Cutters iqede isizini isendaweni engeyimbi, kodwa engeyinhle ka-11.

Iqoqe amaphuzu angu-37 kanti lokhu kuthiwa abakuthandanga kahle abaphathi beqembu. Kube sekunqunywa ukuthi bamdedele uDladla.

“Ngizonazisa kahle uma yonke into yesihlelekile, kodwa khona kukhona la engingas engiye khona. Ngeke kodwa okwamanje ngikudalule ukuthi kukuphi. Ngifuna kuqedwe yonke into kahle kuqala.

“Ngizohlangana nemenenja yami sibhekisise kahle ukuthi yisiphi isinyathelo esingifanele ukusuka lapha manje,” kusho uDladla. Impempe seyiphinde yathola ukuthi uxoshwa nje uDladla, Uthongathi seyivele inaye umqeqeshi ecuthise ngaye ukuvala isikhala.

Yize kungakaqinisekiswa, kodwa sesingakudalula ukuthi nguZipho Dlangalala ongase abe sebhentshini laleli qembu ngesizini ezayo. Lokhu kuvezwe ngomunye wabasondelene naleli qembu ongathandanga ukudalulwa.

“Bengigcine nexoxa noZipho ngoba bafuna umuntu ozokwazi ukusebenza ngabafana abasebancane abadinga ukucathuliswa. Irekhosi likaZipho ke ngalapho alidinge kubuzwa futhi uyazihlwayela nethalente bese elipholisha,” kusho umthombo.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *