UPitso usuke kwi-Al Ahly waya kwi-Al Ahli

Umqeqeshi uPitso Mosimane
Sdina Ngubo

UPitso “Jingles” Mosimane ilokhu imulandele njalo inhlanhla njengoba eqhubeka nokuphakamisa ifulegi laseNingizimu Afrika njengomqeqeshi odlondlobala mihla namalanga emhlabeni.

Lo mqeqeshi, ogcine ecija i-Al Ahly yase-Egypt, useqokwe njengomqeqeshi weqembu laseSaudi Arabia nalo elibizwa nge-Al Ahli. Leli qembu lidlala esigabeni sesibili kuleli lizwe, ngemuva kokudliwa yizembe okokuqala emlandweni ngoJuni, kanti lilele endaweni yesikhombisa njengamanje.

Leli qembu aliyiqalanga kahle neze isizini njengoba lisakwaze ukuqoqa amaphuzu ayishiyagalombili emidlalweni emihlanu. Yisona lesi sizathu esenze ukuthi kubizwe uMosimane ukuze iqembu lizame ukubuyela esigabeni esikhulu ekupheleni kwesizini.

UMosimane ungumqeqeshi ohlonishwayo e-Afrika njengoba esewine iCAF Champions League kathathu waphinde wayodlala kwiFifa Club World Cup. Ngaphambi kokujoyina i-Al Ahly yase-Egypt ushiye kwiMamelodi Sundowns ezakhele elihle igama ngokuwina izindebe. Nokho sebeyinkukhu nempaka benoPatrice Motsepe owayengumengameli weDowns ngezikhathi ezimnandi kwiDowns.

Maningi amathuba okuthi uMosimane aqhwebe ‘indodana’ yakhe uPercy Tau ukuthi izodlala kuleli qembu asanda kuqashwa kulona. UTau ufakwe ohleni lwabahambayo kwi-Al Ahly yize eseke wadlala ngemuva kokuthi kumenyezelwe lokho. Kuvela ukuthi uTau uzohlala kwi-Al Ahly njengoba ebhalisiwe kubadlali besizini ezoqala.

editor@impempe.com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *