UPitso uthi akasaphumi endlini e-Egypt ngenxa yokuxinwa abalandeli

UPitso uthi akasaphumi endlini e-Egypt ngenxa yokuxinwa abalandeli
UPitso Mosimane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UPitso Mosimane uthi akasakwazi nokuphuma endlini ayozidlalela igalofu uma ese-Egypt ngoba uzithola esezungezwe yinqwaba yabalandeli be-Al Ahly. Bonke basuke befuna ukuzibonela eduze uPitso noma befuna ukushutha naye.

Yingakho esavele wabona kungcono ukuthi azihlalele endlini uma kukhona akudingayo ezitolo athumele noma akuthenge esebenzisa unbuchwepheshe besimanje.

Uthi abantu baluleli lizwe elisenhla ne-Afrika abalithandi nje kuphela ibhola, kodwa bayaliphila. I-Al Ahly le ayiqeqeshayo inabalandeli ababalelwa ngaphezu kuka-70-millon.

“Uma uyosebenza enhla ne-Afrika kume wazi awuzuthola nesikhathi sokuyophumuza umqondo ngokudlala igalofu… Ayikho impilo (yangaphandle kwasebholeni). Khohlwa,” usho kanje uPitso ekhuluma nezintatheli zeSafja kuleli sonto.

“Angikwazi ngisho ukuya ezitolo. Ngisaye kanye ezitolo kusukela ngafika la ezinyangeni eziyisishiyagalolunye ezedlule. Nakhona lapho ngangiphelezelwa onogada abathathu.

“Abantu balapha balithatha ngenye indlela ibhola. Cabanga nje ngoba siseqenjini elilandelwa ngabantu abangaphezu kwabantu baseNingizimu Afrika sebehlangene… u-70-million. Awukwazi ukunyakaza.

“Ngithenga izinto izinto eNingizimu Afrika ngobuchwepheshe bezokuxhumana ngoba angikwazi ukugcaluza. Ukuthi siwinile noma sihluliwe kuyazifanela nje, uma uke wabonakala emphakathini usuke ususenkingeni,” kwengeza uPitso.

Nokho yikho lokhu ayekuhalela vele lo mqeqeshi oteketiswa ngelikaJingles ngesikhathi ethatha lo msebenzi. Uthi wayekade evele efisa ukwazi ukuthi yini le eyenza amaqembu asenhla ne-Afrika ahluke. Ukholwa nawukuthi noGavin Hunt, osanda kuqashwa yiChippa United, engafike alunge kula mazwe.

“Ngicabanga ukuthi uGavin Hunt engakhona ukuqeqesha enhla ne-Afrika, angikungabazi lokho. Nokho uqoke ukuya kwiChippa United futhi yimpilo yakhe ngakho ngeke ngisho lutho ngalokho. Mina ngiyathanda ukuthola izinselelo ezintsha.

“Bengifuna ukwazi ukuthi yini le engaka ngebhola lasenhla ne-Afrika. Bese kufike isikhathi sokuthi kube nomuntu wasezansi ne-Afrika othola ulwazi ngebhola labo.

FUNDA NALA: ISAFA ithi isikhathi sokuthi umqeqeshi omusha aqale umsebenzi sivele asikakafiki

“Ngikwenze kwaba ngumsebenzi wami lokho. Bengifuna ukubona ukuthi kungani amazwe asenhla ne-Afrika ehlezi ephethe ebholeni. Manje sengiyazi futhi ngifuna nabanye ozakwethu baseNingizimu Afrika baluthole lolu lwazi.”

Lo mqeqeshi owashiya basala bengakholwa kwiMamelodi Sundowns ngoSephthemba nyakenye, usewine izindebe ezinthathu kwi-Al Ahly. Wawina iCAF Champions League esanda kufika, wawina neligi yakhona.

Kulo nyaka usewine eyeSuper Cup kanti useza kahle nakwiligi. KwiChampions League usefike kowamanqamu njengoba ezobhekana nezimbangi azazi kangcono kwiKaizer Chiefs ngoJulayi 17.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *