UPitso uthi amaqembu akuleli angongoqo yingakho eme ndawonye nje

UPitso uthi amaqembu akuleli angongoqo yingakho eme ndawonye nje
UPitso Mosimane ongumqeqeshiwe-Al Ahly ahola itshe lemali kuyo
OkaDonga Gumbi

UPitso Mosimane uyakuphika ukuthi akuselula azosebenza kuleli ngenxa yokuthi usebiza kakhulu – uthi inkinga amaqembu akuleli angongoqo, awafuni ukukhokha.

UMosimane kumanje uhola imali elinganiselwa ku-R2-million ngenyanga kwi-Al Ahly e-Egypt okuyimali amaqembu amaningi kuleli angeke ekwazi ukuyikhona.

“Akukhona ukuthi ngeke bakhone ukuholela leyo mali,” kusho uMosimane kwabeSunday World.

“Ngabe ufuna ukungitshela ukuthi iMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates abanayo imali yokukhokhela umqeqeshi?

“Cha, ngiyaphika mina. Phela lapha sikhuluma ngento esiphenduke isiko ukuthi ngeke nje sikhokhele umqeqeshi u-R2-million ngenyanga. Kodwa uma unabaxhasi ungakwazi.

“ENingizimu Afrika abaxhasi bakhona. Mhlawumbe kumele sike siphenye ukuthi amaqembu athola malini kubaxhasi, yilapho esobona khona ukuthi angakwazi ukukhokha le mali.”

Uthi yena akanqeni ukuliqala phansi iqembu alakhe kabusha ukuze ligcine liwumshini oshaya kwasani ephambi kwalo njengoba enza nje kwiSundowns neSuperSport United.

“Ngingumuntu ofika alakhe kabusha iqembu. KwiSundowns ngafika besendaweni ka-14 kwilogi. NakwiSuperSport kwakungesifanayo isendaweni ka-14.

“Angikwesabi ukwakha kabusha kodwa kumele iqembu liyifake imali (ukuze athenge abadlali abafunayo). Ngeke ukwazi ukwakha kabusha kowa imali ingafakiwe.

“Ibhola lamanje aliyi ngokuthi umqeqeshi ubukhali kanjani, kumele ube nabadlali ababukhali. Kungani iBarcelona ila ikhona njengamanje?

“Ayisekho imali, abasekho nabadlali abasezingeni eliphezulu. Ibhola seligingqika ngemali manje,” kuchaza uMosimane.

Uphinde wacacisa nangesigameko la abadlali bakhe kwi-Al Ahly bazikhumula bazilahla izindondo ababenikwa zona kulandela ukuhlulwa kowamanqamu kwiCaf Champions League.

FUNDA NALA: Usihlalo weSundowns uphika ukuthi badlalisa imali ukuheha abadlali eChloorkop

Uthi abadlali babekhombisa ukungeneliseki kwabo ngokuthi lo mdlalo wawudlalelwa eMorocco okuyikhaya leqembu ababebhekene nalo iWydad Casablanca.

“Asikugqugquzeli abakwenzile, kubi. Kodwa ke iphutha alisulwa ngokwenza elinye. Kungani umdlalo ube seMorocco?

“Abadlali bami babecasukile bebuza ukuthi bazowina kanjani eMorocco. Izinto zazisitshekele umdlalo ungakaqali kwakuqala.

“Ngabe kwakumele ngigcine le ndondo yesiliva kube yiyo engiyokhombisa ngayo indodana yami ukuthi ngahlulwa?Ngeke kwenzeke lokho, mina ngikholelwa ekuwineni igolide.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *