UPitso uthi belimfanele ikhadi elibomvu uMashiane ‘obedlala ngenhliziyo’

UPitso uthi belimfanele ikhadi elibomvu uMashiane 'obedlala ngenhliziyo'
UPitso Mosimane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UPitso Mosimane usole ukuxhamazela nokudlala ngenhliziyo kuHappy Mashiane weKaizer Chiefs okhishwe ngekhadi elibomvu emdlalweni wamanqamu weCAF Champions League ngoMgqibelo.

UMashiane ududulele iChiefs ebhobeni ngesikhathi ekhishwa ngekhadi elibomvu sekusele kancane kuyiwe ekhefini ibhekene ne-Al Ahly eStade Mohammed V, eCasablanca eMorocco.

UMashiane uvele wangena ngomkhono nesiphanga ku-Akram Tawfik kungenasidingo. Unompempe uqale wamxayisa ngekhadi eliphuzi, kodwa kwathi uma esebhekisise kahle isigameko kwiVAR, walijika wamshaya ngelibomvu.

UMashiane uphume ekhala mi izinyembezi futhi uke waguqa ekhala ngaphambi kokuyosithela ezindlini zokushintshela. Lokhu kujike izinhlelo zeChiefs ebisidlala ingasaphelele.

“Impela ngiyakuqonda ukuthi kube nekhadi elibomvu. Kodwa ke ikhadi elibomvu liyinto yakhona ebholeni – akumele udlale ngokuxhamazela.

“Akumele udlale ngenhliziyo. Lokhu (ukuthola ikhadi elibomvu) kuyenzeka ebholeni. Kodwa thina beyisifanele indebe. Siyiwinile. Amagoli besilokhu siwashaya nje.

“Nasemdlalweni owandulela owamanqamu siwashayile. Yingakho ngilibongela leli qembu – I-A; Ahly iyisebenzele indebe yayo yeshumi nokuqopha umlando,” kusho uPitso.

Ngomdlalo, uPitso uthe iChiefs iqale ngeqembu abelilindele futhi yenza izinto ngendlela abecabange ngayo. Lokhu kuwenze walula owakhe umsebenzi. I-Al Ahly iwine lo mdlalo ngo 3-0.

FUNDA NALA: Udokotela waseMzimkhulu ufuna ukuthenga iMaritzburg United 

“Ngicabanga ukuthi ukuphela kwento ebesingayilindele wukubona umqeqeshi uBaxter ebhentshini uma ngingaphosisi. Mhlawumbe nokubona kungena uKHama (Billiat). Bengilokhu ngilindile ukuthi kukhona okusha ebesingakulindele esizokubona,” kusho yena.

Uthe babobe ngesikhathi becubungula izithombe zasejimini yeChiefs yangoLwesihlanu ukuthi yibaphi abadlali abazoqala umdlalo, babe sebehlela eyabo indlela.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.