UPitso uthi iChiefs ayilona iqembu okulula ukudlala nalo

UPitso uthi iChiefs ayilona iqembu okulula ukudlala nalo
UPitso Mosimane
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Abanye bavele bamsola ngokuzama amaqhinga akhe okuyithembisa ubala iKaizer Chiefs uPitso Mosimane uma ethi ayilona iqembu okulula ukulihlula.

Lo mqeqeshi we-Al Ahly ubekhuluma kanjena nje ezakhe zizobanga indebe yeCAF Champions League nayo iChiefs ngoJulayi 17.

EzikaMosimane zingene ngesitayela kowamanqamu njengoba zidlule ngo 4-0 kwi-Esperance yaseTunisia esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu. Owamanqamu uzodlalelwa eStade Mohammed V eCasablanca eMorocco.

“Chiefs ingelinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika uma kuya ngokuthandwa ngabantu. Inkulu kuneMamelodi Sundowns,” usho kanje ekhuluma nabezindaba uPitso.

FUNDA NALA: Iziwengu zeSundowns ezathuka uPitso zamsiza kakhulu

“Banabalandeli abaningi kuneSundowns kodwa kule minyaka eyishumi edlule iSundowns iyona ebiqinile. IChiefs yiqembu elihle kakhulu, ayilona iqembu okulula ukudlala nalo.

“Kumele uyicwaningisise kahle uma uzodlala nayo ngoba iyiqembu elihlangene futhi eliyilandelayo indlela yalo yokudlala. Abangenelwa amagoli kalula.

“Abakangenelwa goli uma besekhaya. Bayiqembu elingawashayi amagoli amaningi kodwa liyakushaya uma ulahlile,” kusho uPitso.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *