UPitso uthi iChiefs ‘wumqansa omkhulu’ osalele ezakhe kwiChampions League

Ahly UPitso uthi iChiefs 'wumqansa omkhulu' osalele i-Al Ahly
UPitso Mosimane we-Al Ahly

UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UPitso “Jingles” Mosimane, umqeqeshi we-Al Ahly useveze ukuthi umqansa omsalele ukuze awine isicoco sakhe sesithathu seCAF Champions League, okuzoba ngeseshumi kwi-Ahly ukudlula kwiKaizer Chiefs.

UMosimane unomlando omude naleli qembu laseNaturena osuka esekuSuperSport United kuleli la ababebanga khona izindebe zakuleli.

Manje sebezobanga isicoco esikhulukazi ezwenikazi, eseChampions League. EzikaMosimane zibekise indawo yazo emdlalweni wamanqamu ngokumuhluza i-Esperance ngo 4-0 sekuhlaniswe imiphumela yemilenze yomibili/

I-Al Ahly idlale owayo umdlalo seyazi ukuthi izobhekana neChiefs uma idlulile kwi-Esperance kwazise ezaseNaturena bese zivele zihleli zilinde ukubona ukuthi wubani phakathi kwe-Al Ahly ne-Esperance ezobhekana naye kowamanqamu.

FUNDA NALA: UMessi, uyahamba noma uyahlala kwiBarcelona? 

IChiefs yona iphunyule kunzima kwiWydad Athletic yaseMorocco ebisho ukuyidla luhlaza eFNB Stadium ngoMgqibelo ebusuku. Kodwa ke akwazile ke ukubekezela amakhosi aze agcina engenile kowamanqamu.

Ebhala kwiTwitter ngemuva kokufaka i-Ahly kowamanqamu, uMosimane uthe usesalelwe wukuqwala intaba yokugcina bese eletha isicoco seChampions League seshumi kulezi zingqungqulu zase-Egypt nasezwenikazi.

“Ngiyaziqhenya ngabafana bami! Manje sekusele siqwale intaba yokugcina. Iyona enzima kunazo zonke kwezibheke ezicocweni sethu seshumi. Ibambeni bafana, nihambe niyoqopha umlando,”ubhale kanje uMosimane kwiTwitter ngoMgibelo ebusuku.

Umdlalo wamanqamu uzoba seStade Mohammed V, eCasablanca eMorocco ngoJulayi 17. IChiefs ifike kowamanqamu nje yawina ngo 1-0 ihlula iWydad kuyo le nkundla ngempelasonto edlule.

Umlando phakathi kukaMosimane noStuart Baxter osanda kubuyela kwiChiefs mude kanti usuka ngesikhathi bobababili besaqeqesha kuleli kudala.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *