UPitso uxebule ethimbeni lePirates eqinisa kwi-Al Ahly

UPitso uxebule ethimbeni lePirates eqinisa kwi-Al Ahly
UPitso Mosimane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UPitso Mosimane ulandele isisho esidala esithi yakhela ngamaqubu enye ngesikhathi exebula kwi-Orlando Pirates eyoqinisa kuye kwi-Al Ahly.

UMosimane ulande uKyle Solomon obesethimbeni labaqeqeshi kwiPirates esebenza ukuhlola ukuthi abadlali ukuthi bazinikela kangakanani emdlalweni.

USolomons uyovala isikhala sikaYusha Said osanda kushiya kwi-Ahly benoCavin Johnson njengoba sebekhonjwa kwiPirates nje.

Ukufika kukaSolomon kwi-Ahly kuqinisekisa esike sakubika ukuthi uMosimane usazohlala kuleli qembu obekuke kwavela ukuthi usehleli ngesinqe esisodwa kulo.

Ngokuthola kweMpempe uzosekwa futhi alandelwe bonke abantu abadingayo ukuqinisa ithimba lakhe.

Nokho kwesikaJohnson isikhundla kucelwe ukuba athathe owase-Egypt ngenhloso yokumkhulisela ukuthi athathe uma yena esedlulela phambili.

UJohnson ubeyiphini likaMosimane kwi-Ahly ngaphambi kokuthi ashiye isigubhukane kwi-Ahly kwavela ukuthi kunamaqembu amfunayo kuleli.

UReda Shehata nguye okubhekwe ukuba angene esikhaleni sikaJohnson. Kusakhulunywa naye kwazise uqeqesha i-El Gouna okwamanje.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.