UPitso uxolisele ukushaywa yiSundowns ngokubhaxabula iPharco

UPitso uxolisele ukushaywa yiSundowns ngokubhaxabula iPharco
UPitso Mosimane
OkaDonga Gumbi

UPitso Mosimane uveze ukuthi abadlali bakhe bakuzwile ukungenami kwabalandeli be-Al Ahly kulandela ukushaywa kwabo ezakhe zakudala iMamelodi Sundowns.

ISundowns yashaqisa abaningi iguqisa lezi zinkunzi ezihlonishwa i-Afrika yonke ngo 1-0 zisekhaya emdlalweni weCaf Champions League ngempelasonto edlule.

Lo mphumela awehlanga kahle kubalandeli be-Al Ahly. Yingakho ke abadlali besheshe baxolisa ngokuthi babhodlele kwiPharco FC emdlalweni weligi ngoLwesibili.

“Umdlalo wethu wokugcina weligi esasibhekene kuwo neMisr El-Makkasa wawucishe ufane nalona esiwudlale manje, nakhona sashaya amagoli amane,” kusho uPitso.

Ukuwina kwe-Ahly kuyibuyisele eqhulwini kwilogi yase-Egypt njengoba ilwela ukusibuyisa lesi sicoco esiyiphunyukile ngesizini edlule.

FUNDA NALA: Usale edangele oweTS Galaxy ethukwa uKomphela weSundowns

“Sibhekene neMamelodi Sundowns sadlala ngendlela ehlukene, kodwa inkinga yethu kwaba wukuthi asiwashayanga amagoli kuyo.

“Namuhla sishaye amagoli amane futhi lokhu yindlela yethu yokuxolisa ngokuhlulwa yiSundowns ngoba abalandeli bethu bafanelwe ukuhlale bejabule.

“Ngijabule kakhulu ngendlela abadlali abenze ngayo ngoba bazwile ngokungenami kwabalandeli kulandela ukwehlulwa emdlalweni odlule, namuhla besifuna ukuxolisa.”

UPitso uzothemba ukuthi bazophinde bawaqhulule amagoli uma sebebhekene ne-El Merreikh yaseSudan emdlalweni wabo wesithathu esigabeni samaqoqo kwiChampions League.

Uma bewina bangase banyukele endaweni yesibili babe namaphuzu amane bese besalela ngemuva ngamathathu kwiSundowns eseqhulwini.

editor@impempe.com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.