UPogba ufisa bangavumeli ingcindezi ibaphazamise kulokhu

UPogba ufisa bangavumeli ingcindezi ibaphazamise kulokhu
UPaul Pogba
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

UPaul Pogba uthi iFrance kufanele ikwazi ukubhekana nengcindezi yokuba zimfivilithi ekunqobeni indebe ye-Euro 2020. Igoli elishaywe nguMats Hummels ngakubo linqobise iFrance ngo 1-0 kwiGermany emdlalweni obushisa eMunich izolo ebusuku.

Ukunqoba kweFrance kusho ukuzicabela indlela ebheke esigabeni esilandelayo somcintiswano. ILes Blues ibinawo amathuba okushaya amanye amagoli.

OKylien Mbappe noKarim Benzema bayibhakuzisile inethi kodwa angabalwa amagoli abo ngemuva koku iVAR ithi bese besendaweni engabafanele.

IGermany, eqeqeshwa uqweqwe olunguJoachim Low ibiqala ukwehlulwa emdlalweni wokuvula kwi-Euro.

Ompetha bomhlaba, iFrance abaningi abakholelwa ukuthi inakho konke okudingekayo ukuphakamisa le ndebe, eyabahlula sebekowamanqamu ngo2016, uPogba uthi kufanele bakwazi ukumela ingcindezi eqhamuka ngapha nangapha.

“Indlela iqembu elidlala ngayo ibaluleke kakhulu. Ngaphandle kweqembu ngabe angidlalanga kahle, iqembu phambili,” kusho uPogba.

“Ozakwethu bangisize kakhulu kulo mdlalo. Wonke nje umuntu usebenze kanzima. Siphumelele sonke njengeqembu, nalaba ekade besebhentshini baphumelele nabo ngoba sinqobile. Nabantu baseFrance bajabule ngokunqoba kwethu.

“Wonke umuntu ubekhuluma ngathi ukuthi siyizimfivilithi, abanye bebekhuluma ngendlela esihlasela ngayo izitha.

“Abanye bakhulume ngeqoqo esikulo bethi linzima. Kumele thina sikwamukele konke lokho ngoba kusifanele.” Umqeqeshi weFrance uDidier Deschamps yena ufuna ukuba ngumuntu wokuqala ukunqoba iNdebe yoMhlaba ne-Euro esengumdlali aphinde noma esengumqeqeshi.

UDeschamps uthi iyamjabulisa indlela abafana bakhe abayigijimise ngayo iGermany. “Kade sidlala umdlalo omkhulu neqembu elihle kakhulu,” kusho uDeschamps.

“Bengazi ukuthi abadlali bami bawulungele lo mdlalo, besilwela yonke into enkundleni. Nangesiwombe sokuqala besibonana kalula, siphaselana kamnandi. Balwile nabo kodwa asithwalanga kanzima ngesiwombe sesibili.

“Lona bekuwumdlalo wethu wokuqala. Kuleli qoqo ukuwina amaphuzu amathathu kubalulekile. Ukunqoba kwethu kuhle kakhulu, kuzosisiza.”

Umlingani kaDeschamps kwiGermany uLow uthi uyaziqhenya ngabadlali bakhe yize behluliwe.

“Silwe kakhulu. Silwe waze waphela umdlalo. Sishode nje ngegoli. Singenelwe yigoli ebesingakwazi ukulivimba, ngaphandle kwalokho akekho umuntu engizomngxeka. Sihluliwe kodwa sibheke phambili.”

IGermany manje izodlala nePortugal evikela le ndebe eMunich, kanti iFrance yona izovakashela iHungary eBudapest. Yomibili le midlalo ingoMngqibelo.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *