UProfessor usola amambawu nokuzijuxuza kuKhama Billiat

UProfessor usola amambavu nokuzijuxuza kuKhama Billiat
UKhama Billiat weKaizer Chiefs

 

Inkakha yebhola lezinyawo kuleli uMlungisi “Professor” Ngubane usola inkinga enkulu ngokwehlelwa kukaKhama Billiat yifomu kwiKaizer Chiefs. 

UNgubane, owayedlala ibhola elinomjiko nowazakhela igama eminyakeni engaphezu kuka-20 edlule, uveze lezi zinsolo ekhuluma noRovert Marawa kuleli viki. 

Uthi usola ukuthi uKhama Billiat akalali, ujayiva kuze kuse bese eya ejimini umzimba ungavumi njengoba evele waphelelwa yibhola esikhaleni nje. 

Ukhuluma kanjena nje uNgubane uBilliat akagculisi kusukela afika kwiChiefs esuka kwiMamelodi Sundowns. 

Yize ike ibe khona imidlalo la akhombisa khona ukuthi liyabuya ibhola lakhe, kodwa kubuye kuvele kubhede kakhulu. 

“Akukwazi ukuthi umdlali engahola kangaka kodwa bese ehluleka ukudlala uma esesnkundleni,” usho kanje uNgubane. 

UBilliat kunezinkulumo zokuthi uhola imali ecela esigidini ngenyanga kuMakhosi njengoba engawasizi ngalutho nje. 

“Kukhona okungahambi kahle. Kuphakathi kokuthi akajabule (ngokuba kwiChiefs), akalali ngokwanele futhi uzijuxuza kuse emnyango noma wapheka iminyaka.” 

UBilliat, oneminyaka engu-32, ufike kwiChiefs ngo-2018 ngemuva kokwenqaba ukwelula inkontileka kwiSundowns. 

Kwavela ke ukuthi enye yezinto ezamxosha kwiSundowns yimithetho yokuziphatha kwabadlali eqinile eyayibekwe uPitso Mosimane owayengumqeqeshi ngaleso sikhathi. 

FUNDA NALA: uBlom usevele abe mbijimbiji uma ebuzwa ngeKaizer Chiefs

KwiSundowns wayevutha engabaselwe lo mdlali odabuka eZImbabwe futhi waba wusizo ngesikhathi leli qembu liwina iCaf Champions League okokuqala ngo-2016. 

Nokho abanye bengasola ukulimala obekunokumxina njalo ngesikhathi efika kwiChiefs ngokuthi yikho okumenze wehlelwa yizinga nefomu. 

Inkontileka yakhe kwiChiefs anayo njengamanje izophela ekupheleni kwale sizini ngoJuni 2023. 

– Sbongs Gumbi 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *