UPule uwine umklomelo wePirates ngegoli alishaya bebhubhisa iChiefs

UPule uwine umklomelo wePirates ngegoli alishaya bebhubhisa iChiefs
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UVincent Pule udle umklomelo wegoli lonyaka phakathi kweminye ngesikhathi i-Orlando Pirates incoma abadlali bayo abenze kahle ngesizini edlule. Abawine izindondo ezehlukene bamenyezelwe ngoLwesithathu ntambama kwiTwitter yaleli qembu.

UPule nguyena umdlali odle izindondo eziningi kuleli qembu. Igoli awine ngalo yileli elaba ngelesibili ngesikhathi beshaya iChiefs ngo 3-0 kwiMTN8 ngasekuqaleni kwesizini edlule.

Uphine wahamba nomklomelo womdlali ovelele ovotelwe ngabalandeli kodwa kuwo ubambane noDeon Hotto. UPule udle umhlanganiso futhi kowokushaya amagoli amaningi kuleli qembu laseSoweto. Uohinde wabambana noHotto futhi kowomdlali ovelele oqokwe yiqembu.

FUNDA NALA: AbeChiefs bafuna ishaywe uKhune uma ingavela iphenathi kwiCarling Cup

Umdlali weqembu leMDC, uBoitumelo Radiopane yena uwine owomdlali osemncane othembisayo. Nasemcimbini wePremier Soccer League (PSL) uRadiopane wawina owamagoli amaningi kulesi sigaba.

Unozinti, uRichard Ofori yena udle owokuvimba ibhola elinzima ngalivumba bebhekene neBloemfontein Celtic. Udaba oluqhubekayo lolu, sizoyifaka eminye imiklomelo uma seyikhishiwe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *