UQalinge uthi Usuthu luzovuka ngeBig Bullets kwiCAF Champions League

UQalinge uthi Usuthu luzovuka ngeBig Bullets kwiCAF Champions League
UThabo Qalinge
UDABA: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

Uthi bazolwa kunqamuke izandla uThabo Qalinge uma AmaZulu esedlala umdlalo womlenze wesibili kwiCAF Champions League neNyasa Big Bullets eMalawi.

AmaZulu abhekene nomqhansa wokuphendula amatafula eMalawi kulandela ukuguqa ngegoli elilodwa emdlalweni wokuqala obuseThekwini ngempelasonto edlule.

Leli qembu eliqeqeshwa uBenni McCarthy liyivule ngegiya eliphansi le sizini njengoba emidlalweni emihlanu elisayidlalile kuyo yonke imncintiswano lingakaze linqobe ngisho nowodwa.

Kanti noQalinge uyakwazi okumele bakwenze: “Okokuqala kumele sibonge uMdali ukuthi sifike kahle (eMalawi).

“Wonke umuntu usesimweni esihle, umdlalo siwulindele kanti nangokomqondo sizilungiselele. Ngeke kube lula, bafike bakwazi ukuthi bathole igoli okwethu ukuthi sifike enkundleni silwe.

“Sizobe singenzeli thina kuphela kodwa nabantu esibayishiye eNingizimu Afrika njengoba simele izwe nje.

FUNDA NALA: U-Eymael angase aphinde avunyelwe ukusebenza kuleli

“Lo mdlalo kumele siwunqobe ukuze sibuye ekhaya nomphumela omuhle,” kusho uQalinge.

Usuthu kuzomele lushaye amagoli amabili bese liyaqinisekisa ukuthi alikho elingena kuwo ukuze luzibekisele indawo emzuliswaneni wesibili kwiCAF Champions League.

Umdlalo ezoqala ngo-4 ntambama eBingu National Stadium ngoMgqibelo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.