Uqholoshele uRulani weSundowns umqeqeshi weSwallows eyibamba ekugcineni

Mthokozisi Mncuseni
Ucasulwe isenzo somunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uBrendon Truter opheka iSwallows FC ebambe ompetha beligi ngo 1-1 koweDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama eLucas Moripe Stadium.
Lo mqeqeshi weSwallows ubeke izaba ngemuva komdlalo ekhala ngezinto eziningi okukhona kuzona ukukhathala kwabadlali bakhe nokuphumula ngokwanele kweSundowns ngaphambi kokuthi bahlangane nayo.
Yize ebekhala uTruter kodwa kucacile ukuthi isenzo sikaRulani Mokwena obeneka zonke izindlela zokudlala zeSwallows ezinkundleni zokuxhumana maphakathi nesonto, asizange simhlale kahle lo mqeqeshi waseKapa.
Inkundla ivulwe uKermit Erasmus esiwombeni sokuqala kodwa uMusa Nyatama wabuyisa iSwallows ngomzuzu ka-97.
“Ngeneme ngendlela abadlali abalwe ngayo ikakulukazi esiwombeni sesiibili kodwa besikhathele. Bonke abadlali bakhombise izimpawu zokukhathala umdlalo uqala.
“Ngeke sikubalekele lokhu ngoba imidlalo isondelene kakhulu kodwa bona bathola ithuba elingaphezulu kwelethu lokuphumula balungiselele lo mdlalo,” kusho uTruter.
UTruter usebenzise leli thuba ukuphendula kuMokwena esho sakukloloda ukuthi vele kuyaziwa ukuthi indlela yabo yokudlala ayiguquki.
“Banabaqeqeshi abathathu. Omunye wabo ngimbonile nje eneka zonke izindlela esidlala ngazo ezinkundleni zokuxhumana. Ubeze azame ukufaka nabanye abaqeqeshi. Mhlawumbe namuhla bebedinga abaqeqeshi abangaphezulu kwabathathu.
“Bekusobala ukuthi bayahluleka ukusimela esiwombeni sesibili. Besizenzela. Bebehluleka ukusivala kodwa ekugcineni ngineme ngephuzu,” kusonga uTruter.

UBrandon Truter ongumqeqeshi weSwallows ocikwe yisenzo sikaRulani Mokwena weSundowns

ISundowns neSwallows bazohlala esicongweni lapho belingana khona ngakho konke ngaphandle kwamagoli asebewashayile kanjalo nalawa angene ngakubona, okubeka aMasandawana phezulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published.