Uqokwe ngo ‘elethu’ uMotsepe kwesokwengamela iCAF

OKADONGA GUMBI

Usengumengameli weConfederation of African Football (CAF) uPatrice Motsepe wakuleli. Lokhu kulandela ukuqokwa kwakhe ngaphandle kokubangiswa okhethweni lobumengameli bale nhlangano ephethe ibhola ezwenikazi.
Bekuvele kucacile ukuthi uMotsepe uzozidlela amahlanga kulolu khetho obeluseRabat, okuyinhlokodolobha yaseMorocco ngoLwesihlanu kulandela ukuhoxa kwabebanga nabo ngeviki elidlule.
Abekade ezoqhudelana nabo, o-Augustin Senghor waseSenegal no-Ahmed Yahya waseMaurtitania bavuma ukuhoxa kulolu khetho ngemuva kokunxenxwa ngumengameli weFIFA, uGianni Infantino.
Lokhu kwavulela uMotsepe amasango kwiCAF yize kungehlanga kahle emazweni asenhla ne-Afrika abenomqondo wokuthi le nhlangano ngeyawo futhi ezenzela umathanda nje.
Kuke kwaze kwaba namahlebezi abeqonde ukululaza isithunzi sikaMotsepe abethi into yokuqala azoyenza ukuthutha amahhovisi eFifa eCairo e-Egypt awalethe eNingizimu Afrika.
UMotsepe wathola ukwesekwa yiFIFA ngemuva kokuhkangana no-Infantino emavikini amabili edlule. Umengameli weSAFA, uDanny Jordaan, osethimbeni ebelikhankasela uMotsepe, wabhoka wakhahlela esola labo abathi uMotsepe uzoba wumkhovu weFIFA ethi bakusho lokho ngoba emnyama.
ICAF iyilungu leFIFA ngakho ayikho into engalungile lapha. Okungalungile wukuthi kube khona ocabanga ukuthi uPatrice uzoba wumkhovu kaGianni Infantino – lokho kuyinhlamba, kwehlisa isithunzi futhi akumele nje sibe nombono wokuthi uma kukhona umlungu nomuntu omnyama, lo omnyama uzoba yisicathalala somlungu.
“Wumbhedo nje lowo. Kumele sizihlangule emicabangweni enjalo. Angifuni ukukhuluma kakhulu ngalento, kodwa uma kukhona omngabazayo uMotsepe, akalinde uzozibonela. Abakhuluma kanjalo yingoba abamazi kahle. Ungumholi ongasabi lutho,” kusho uJordaan ngasekuqaleni kwale nyanga.
Phakathi kokunye uMotsepe wethembise ukunyuswa kwemali etholwa amaqembu awina imimcintiswano yale nhlangano ukuze kukholeke kahle nabadlali.
Nebhola labesifazane lizothola ukunakwa okulifanele ukuze lidlondlobale, ngokusho kwale nkinsela enamabhizinisi amaningi ehlukene.
ISAFA seyibe phakathi kwabokuqala ukuhalalisela uMotsepe ngokuqokwa kwakhe.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.