URabada noHendricks bazoqinisa isikwati samaProteas

Sihle Ndlovu

AmaProteas abukeka ezoya kwiTest yesibili neSri Lanka eseqine kakhulu kunakuqala ngemuva kokubuya kukaKagiso Rabada noBeuran Hendricks, bobabili abangabashwibi.

URabada ubelimele kodwa usengumqemane ngemuva kokuhlolwa ngodokotela beqembu. UHendricks uphuthwe yiTest yokuqala ngemuva kokutholakala kwabadlali abathile ukuthi banegciwane iCoronavirus. Yize kungashiwongo ukuthi ungomunye wabo kodwa kusolisile ukusala kwakhe.

Nokho ngoLwesithathu ubuyelile eqenjini ngemuva kokuhlolwa kabusha watholakala emsulwa. Uzongena endaweni kaMiguel Pretorius othintekile.

Ngakolunye uhlangothi alukho olunye ushintsho olukhona eqenjini njengoba umqeqeshi uMark Boucher enqume ukungabashintshi abadlali bakhe ababhethayo. AmaProteas abhethe kahle eshaya iSri Lanka nge-innings nama-run angu-45 eSuperSport Park, eCenturion, ngoLwesibili.

“Sisanda kushaya ama-run angu-600, kungani kumele ngishintshe abadlali ababhethayo?” kusho uBoucher ekhuluma nezintatheli.

“Emidlalweni yeTest ulinda ithuba lakho ukuthi lifike. Sinabadlali abambalwa abalindele ukuthola ithuba, futhi sizoqhubeka nokusebenza nabo ukuze bahlale belungile. Okwamanje kuzoba nzima kimina ukuthinta abadlali ababhethayo abake baba nenkinga phambilini, babuye benza kahle manje. Ngizothatha lo 600 bese ngisebenzela phezu kwawo.”

Umdlalo weTest yesibili uqala ngeSonto, eNew Wanderers Stadium, eGoli.