URabada ube yisibani ehlangula amaProteas ehlazweni kwiNew Zealand

URabada ube yisibani ehlangula amaProteas ehlazweni kwiNew Zealand
UKagiso Rabada
Sihle Ndlovu

UKagiso Rabada uthathe amawikhethi amathathu ngesikhathi amaProteas eshaya iNew Zeland ngama-run angu-198 kwiTest yesibili eChristchurch, ngoMsombuluko ekuseni.

Ukuwina kwamaProteas kwenze ukuthi aziphindiselele kwi-All Blacks ewashaye kabuhlungu nge-innings nama-run angu-276 kwiTest yokuqala.

Lokhu kuchaza ukuthi uchungechunge lwemidlalo emibili luphele la mazwe ebambene ngo 1-1.

INingizimu Afrika iye kulo mdlalo inengcindezi kakhulu kulandela ukuhlazeka kowokuqala.

Ibhethe kuqala yenza ama-run angu-364 kwi-innings yokuqala. Kudlale kahle u-Erwee ohlanganise ama-run angu-108 ngaphambi kokuthi aphume.

Iphendula iNew Zealand ikwaze ukuhlanganisa ama-run angu-293. Kudlale kahle uRabada othathe amawikhethi amahlanu, kanti ngasohlangothini lweNew Zealand kwenze kahle uDe Grandhomme oshaye ama-run angu-136.

Iphinde yenza kahle iNingizimu Afrika ishaya ama-run angu-334 kwi-innings yesibili.

Lokhu kwenze ukuthi kube lukhuni satshe kwiNew Zealand obekumele ibhethe ngokucophelela ngosuku lwesihlanu ukuze iwine noma umdlalo uphele ngokulingana.

FUNDA NALA: Ukhathazekile uMtolo ngokungakhuli kwesibhakela eKZN

Abashwibi beNingizimu Afrika bebengafuni lutho nokuphoqe iNew Zealand ukuthi igcine yenze ama-run angu-227, zawina kanjalo ezikaMark Boucher.

URabada ugcine ethathe amawikhethi ayisishiyagalombili esewonke, waqokwa njengomdlali oshaye into ecokeme kulo mdlalo.

INingizimu Afrika ayikaze ishaywe yi-All Blacks ochungechungeni lwemidlalo yamaTest. AmaProteas azobuyela kuleli azobhekana neBangladesh.

Umdlalo owodwa weTest uzoza eThekwini okokuqala ngemuva kwesikhathi eside.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.