URabada uphinde wabubeka obala ubungwele bakhe

URabada uphinde wabubeka obala ubungwele bakhe
UKagiso Rabada
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UKagiso Rabada ungomunye wabadlali abashwibayo abahlonishwayo wonke uma kukhulunywa ngekhilikithi yomhlaba.

Lo mshwibi waseNingizimu Afrika ukwenza kube lula nje ukuthatha amawikhethi kungakhathalekile ukuthi kudlala imidlalo yeTest, eyosuku olulodwa noma eyeT20.

Empeleni uRabada ungomunye walabo badlali obafaka kunoma yimuphi umdlalo bafike bakwenzele ezibukwayo. Iqembu lakuleli, amaProteas, livakashele eWest Indies lapho kade lidlala khona imidlalo yeTest emibili layiwina ngo 2-0.

Kule midlalo emibili yeTest uRabada uthathe amawikhethi awu-11, ayisize kakhulu iNingizimu Afrika ukuthi iwine uchungechunge lwemidlalo.

Kowokuqala ezikaMark Verdon Boucher ziwine umdlalo nge-innings nama-run angu-63, kwathi kowesibili zawina ngama-run angu-158.

URabada akakhethwanga njengomdlali oshaye into ecokeme kunabo bonke kule midlalo emibili kodwa lokho kuyamukeleka uma kubhekwa indlela adlale ngayo uQuinton de Kock, othathe lo mklomelo.

AmaProteas ajike umlando eshaya iWest Indies ekuhambeni: https://bit.ly/3wNWoW7

UDe Kock ushaye ama-run angu-141 engaphumanga emdlalweni wokuqala, nokungama-runs aphezulu kunawo wonke aseke wawashaya emidlalweni yeTest. Kowesibili uphinde waqhamuka uDe Kock uphinde washaya ama-runs angu-96.

Ukaputeni, uDean Elgar akawuvali umlomo ngoKG, futhi uthi yena uyajabula kakhulu ngokuthi akumele abhekane nalo mshwibi enkundleni.

“U-KG ungumdlali obulala izizwe futhi uzoba ngumdlali ohamba phambili emhlabeni iminyaka eminingi ezayo. Yinto esiyilindele kuyena leyo.

“Uyazikhulumela yena ngendlela adlala ngayo, futhi uKG uhlale efuna ukuwina. Kumnandi kakhulu ukuba naye eqenjini – njengoba ngishilo, okwenziwa uKG ukuwina imidlalo,” kusho u-Elgar.

Wengeze ngokuthi kuhle futhi ukuba nabadlali abalekelela uRabada ngendlela abadlala ngayo okungoLungi Ngidi no-Anrich Nortje.

“Nabo badlale kahle kakhulu. Kumnandi kakhulu ukuba nalabo badlali abathathu uma sihlasela. Ngiyajabula nje ukuthi akumele ngibhekane nabo kakhulu. Kumele ngibhekane nabo uma sizilungiselela, kwanele lokho.

“Ngibethulela isigqoko bobathathu,” kuphetha u-Elgar. AmaProteas neWest Indies sebezodlala imidlalo yeT20 emihlanu kanti owokuqala ungoMgqibelo.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *