URadebe ubona kuyisikhathi se-England sokuqeda indlala yezindebe

URadebe ubona kuyisikhathi se-England sokuqeda indlala yezindebe
Umdwebo kaLucas Radebe eLeeds, e-England
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Owayengukaputeni weBafana Bafana, uLucas “Rhoo” Radebe, ubona i-England izokhala yemuke ne-Uefa Euro 2020. I-England izobhekana ne-Italy kowamanqamu eWembely Stadium ngeSonto ngo-8 ebusuku.

Sekuphele iminyaka engu-55 amaNgisi agcina ukufinyelela kowamanqamu wendebe enkulu, ingasabalwa eyokuphakamisa indebe. Empeleni i-England yagcina ukujabula ngo-1966 iwina iNdebe yoMhlaba.

“Ngicabanga ukuthi kkulokhu yisikhathi sabo (i-England) nethuba labo lokuwina umqhudelwano omkhulu,” kusho uRadebe owake wadlalela iLeeds United yase-England, ekhuluma kwi-eNCA.

“Kuzoba umdlalo wamanqamu omuhle kakhulu. Akukho ukungabaza ngawo womabili amaqembu, uma kukhulunywa ngokuzinikela kwawo. I-Italy inomlando ophathekayo wokuwona umcimbi. Ikwenzile lokho ishayela iGermany ekhaya kwiNdebe yoMhlaba (2006).

“Bayiqembu okungelula neze ukudlala nalo. Kodwa ngicabanga ukuthi isikhali enaso i-England ukuthi idlalela ekhaya, inabadlali abahle, isikwati esikhulu. Yithuba labo leli, futhi bazokwenza kahle. Kulokhu i-England izowubhala kabusha umlando,” kusho uRadebe.

Lo mdlalo ulindelwe izinkumbi zabantu emhlabeni wonke. Akungabazeki ukuthi baningi abahamba ne-England ukuthi ikhale yemuke nale ndebe kodwa kukhona ababona amaNgisi ezophinde aphoxeke ngoba i-Italy ayishayeki kalula.

Kukhona abagxeka umqeqeshi uGareth Southgate ngendlela abophela ngayo isikimu sakhe kwi-England. Ngabe uthini uRhoo ngalokhu?

“Yindlela entsha yokwenza izinto lena kwi-England. Banabadlali abahle kakhulu esikwatini sabo. Umqeqeshi unethuba elikahle lokwenza noma yini ngendlela elidlala ngayo iqembu, ashintshe lapho ethanda khona.

“Usehambe ibanga elide esebenzisa indlela enza ngayo, nokuchaza ukuthi lokhu kuyamsebenzela. Ngicabanga ukuthi leli yiqembu lase-England eliqine kunawo wonke esesike sawabona esikhathi eside,” kusho uRadebe.

FUNDA NALA: ISAFA ithi akungatatazelwa ngomqeqeshi weBafana, uyabuya maduze

Le nkakha ithe iyayihlonipha kakhulu indlela edlala ngayo i-Italy futhi ilindele umdlalo ovuthayo ngeSonto ebusuku. Nokho iyakugcizelela ukuthi indebe izolala kwelamaNgisi.

“Ngihamba ne-England ngoba badlalela ekhaya. Abalandeli bazobe beyeseka futhi kuzoba umdlalo omuhle. Sebelinde isikhathi eside, kusukela ngo-1966 selokhu bagcina umqhudelwano omkhulu.

“Leli yithuba labo futhi ngiyakholwa ukuthi ebusuku bazowuwina umdlalo. Kuzoba umdlalo omuhle onamagoli, futhi ngiwulindele ngabomvu,” kuphetha uRadebe.

URadebe usanda kuhlonishwa edolobheni laseLeeds ngomwebo omkhulu wethombe sakhe. Yize ayedlala eqenjini lakuleli dolobha eminyakeni engaphezu kuka-20 edlule, abalandeli balo abakamkhohlwa namanje.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.