UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
USabelo “Bibo” Radebe uzakhele ugazi ngokumoyizela kwakhe ngaphezu kwendlela adlale ngayo ngesikhathi iKaizer Chiefs iwina iCarling Cup ngeSonto.
Lo mdlali osemncane udlale ibhola elinenkosi kodwa enye yezinto obekukhulunywa ngazo kakhulu ngemuva komdlalo wukumoyizela kwakhe.
Kwale ngisho eseshwebe iphenathi kulo mdlalo abebebhekene kuwo ne-Orlando Pirates, uRadebe uqhubekile nokuzimoyizelela okuthiwa yinto yakhe endala vele.
Nokho uRadebe nomsebenzi abewufakelwe enkundleni uwenzile njengoba nomqeqeshi wakhe, uStuart Baxter esale enconcoza ngaye.
“UBibo udlale kahle ezigabeni ezithile zomdlalo,” kusho uBaxter. Nokho akalisebenzisi ngendlela eyiyo ikhono nejubane lakhe kwezinye izikhathi.
FUNDA NALA: UHunt uzosebenzisa icebo elizovuna abadlali anabo kwiChippa
“Lokho kungenxa yokuthi ubuye anyamalale noma adlale ngayedwana. Kodwa uma esebuyele endleleni yethu yokudlala ubebukeka emuhle kakhulu,” kuchaza uBaxter.
“Ngalokho, ngingasho ngithi kungenzeka impela alithole ijezi kule sizini ezayo. Kodwa lokho ke kuhlale kuncike kumdlali.
“Mina ngifuna ukumsiza abe ngumdlali ongcono. Uma engaba ngcono, nakanjani uzodlala njalo,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eScotland.