URalani osayine kwiSundowns uza namava amakhulu

UBradley 'Surprise' Ralani

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Awangatshazwa amava kaBradley “Surprise” Ralani omenyezelwe njengomdlali omusha weMamelodi Sundowns ngoLwesibili.

URalani, oneminyaka engu-34, uhlale iminyaka eyisishiyagalolunye yonke eScandanavia, edlalela amaqembu ahlukene ikakhulukazi aseSweden. Ubengakaze adlale kwiPremier Soccer League (PSL) ngaphambi kwalokho.

Ube esebuyela kuleli njengoba iSundowns imsayinise kade edlalela iCape Town City FC.

“IMamelodi Sundowns iyajabula kakhulu ukwamukela uBradley ‘Surprise’ Ralani ovela kwiCape Town City,” kusho isitatimende seSundowns.

“Lo mdlali wasesiswini odabuka eKimberly ujoyina iqembu laseTshwane ukuzodlala kumaBrazilians ngemuva kokusayina inkontileka yezinyanga ezingu-18. Kule nkontileka kunombandela wokuthi angayivuselela ngonyaka uma efisa kanjalo.

“URalani ungumdlali onamava osedlale emazweni afana neNorway neSweden edlalela amaqembu okukhona kuwona i-IFK Hassleholm, Helsingborg, Landskrona neLyngby BK.”

ISundowns kuyavela ukuthi isiqalo nje lesi sokusayinisa abadlali kuleli windi likaJanuwari. Omunye umdlali ongase athushuke eChloorkop uBongokuhle Hlongwane weMaritzburg United.

“Uma iqembu selibuyela ekuziqeqesheni eChloorkop uRalani uzophinde ahlangane noKermit Erasmus, naye osayiniswe evela kwiCape Town City,” kusho iSundowns.

Leli qembu elingompetha beligi lizihola phambili kwilogi yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-14. AmaBrazilians azobuyela enkundleni ngokubhekana neChippa United koweligi eLoftus Stadium, ePitoli, ngoFebhuwari 16.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.