URamaphosa ubuvovile, sekusele kwiPSL ukuthi ibuthele buphuzwe

Sihle Ndlovu

Sekulindelwe isinqumo sePremier Soccer League (PSL), mayelana nokubuyela ezinkundleni zikanobhutshuzwayo kwabalandeli eNingizimu Afrika.

Lokhu kulandela ‘umhlangano womndeni’ wangoLwesibili, lapho uMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, eveze khona ukuthi sekungabuyelwa ezinkundleni ngaphansi kwemibandela ethile.

Ngokwalemibandela, abalandeli abanguhhafu walokho okumumathwa yinkundla, sebevunyelwe ukuyothamela imidlalo enkundleni. Lokhu kuchaza ukuthi eFNB Stadium, emumatha abalandeli abangu-90 000, sebengangena abangu-45 000.

Umbandela omkhulu kunayo yonke nokho, owokuthi ezinkundleni kuzongena labo abayigomele kuphela iCovid-19, ngokugcizelela kukaMengameli wezwe.

Abalandeli sebekhale kakhulu ngokuthi sebekuzwa ngendaba ukuya ezinkundleni, bayozithokozisa ngokuyobuka unobhutshuzwayo. Akubona bodwa ngoba nabadlali kanjalo nabaqeqeshi, bese bekhononda ngokuthi ababuye abalandeli ngoba akufani ngaphandle kwabo.

Sekuphele iminyaka emibili yonke abalandeli bagcina ukuya ezinkundleni kulandela ukuqubuka kweCoronavirus ekuqaleni kuka-2020. Nokho likhulu ithemba lokuthi usihlalo wePSL, uIrvin Khoza, uzosho okuthile kulandela inkulumo kaRamaphosa ngoLwesibili ebusuku.

URamaphosa usebuvovile wabubeka ezinkambeni, sekusele kwiPSL ukuthi ibuthele, isine izibethele kubona. Amehlo athe njo kuKhoza nePSL.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.