URamoreboli wenze kahle kwiBafana, usephenduke inyama emaqenjini

URamoreboli wenze kahle kwiBafana, usephenduke inyama emaqenjini
UMorena Ramoreboli
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sekunamaqembu afuna umqeqeshi osize iBafana Bafana iwine iCosafa Cup, uMorena Ramoreboli ukuba azowasiza nawo ewanyusele ezigabeni ezingaphezulu. URamoreboli usebenza kwiSAFA la eyiphini lomqeqeshi weqembu lesizwe labafana abaneminyaka engaphansi kuka-17.

Kodwa kuthe uma ibamba lomqeqeshi weBafana, uHelman Mkhalele nobemlekelela ukulungiselela iCosafa Cup, uLucky Shiburi betholakala beneCoronavirus wacelwa ukuba azosiza.

Ufike wenza umsebenzi oncomekayo njengoba iqembu lize laqeda lo mqhudelwano lingqngenelwanga goli. Lidle umhlanganiso lihlula iSenegal sekukhahlelwa amaphenathi ngeSonto ntambama.

Impempe isingakuveza ukuthi sekukhona amaqembu amabili aseveze ukumhalela lo mqeqeshi, kodwa atsheliwe ukuthi amlinde aqede kwiBafana kuqala. Umthombo osondelene nalo mqeqeshi uthe iBlack Leopards, esanda kudliwa yizembe kwiDStv Premiership, ifuna azoyitakula.

Besike sabika phambilini ukuthi iLeopards beyifuna ukuqasha uMabhuti Khenyeza, kodwa imizamo yayo yavinjwa wusihlalo weGolden Arrows, uMato Madlala. Kuthiwa wacela ukuba iLeopards ingaqale imthathe lo mqeqeshi kwazise usanda kushiywa nanguMandla Ncikazi osekwi-Orlando Pirates.

FUNDA NALA: IRoyal AM idaze inkani lwaze lwagoba kwiPSL ngecala

“ILeopards seyiqalile vele ukukhuluma nabamphethe ngaye. Sekulindwe ukuthi abuye ekhempini yeBafana bese kuxoxwa naye kuzwakale ukuthi yena uthini. Mibili imisebenzi emlindile uma ebuya kwiBafana.

“NeSteenberg United nayo isike yabuza ngaye yize ingakasho lutho oluningi,” kusho lo mthombo. ISteenberg sizodlala kwi-ABC Motsepe League eWestern Cape ngemuva kokudliwa yizembe kwiGladAfrica Championship ngesizini edlule.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.