URamovic’ akafuni iTS Galaxy iwudedele lo mgqigqo ekuwo

URamovic’ akafuni iTS Galaxy iwudedele lo mgqigqo ekuwo
UMonnapule Saleng no-Ethan Brooks
Sihle Ndlovu

Ufisa bangabe besabheka emuva umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic’ njengoba bezama ukubalekela ukudliwa yizembe ekupheleni kwesizini.

IRockets ithole amaphuzu amathathu abalulekile ngemuva kokushaya iSwallows FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership obuseDobsonville Stadium ngoMgqibelo.

Ukuwina kweGalaxy kuyisuse kunombolo 16 kwayibeka kunombolo 14 nokuyinto ayithokozela kakhulu uRamovic’.

“Sinemidlalo engu-12 esele, kumele silwele iphuzu ngalinye. Kufanele sizame ngayo yonke indlela futhi ngiyethemba ukuthi sizosuka endaweni eyingozi,” kusho uRamovic’.

IRockets idlala kahle selokhu kubuywe ekhefini le-Africa Cup of Nations (Afcon). Iqale ngokushaya iKaizer Chiefs eyikhiphe kwiNedbank Cup Last 32 njengoba seyithola iwini ebalulekile kwiZinyoni.

Kuyona yomibili le midlalo amagoli ashaywe umgadli wayo olokhu edlondobala nsuku zonke, u-Augustine Kwem.

FUNDA NALA: UKwem uphinde washiya kukhalwa eSoweto ewinisa iTS Galaxy

“Ngijabule kodwa njengoba ngishilo sinemidlalo engu-12 futhi kuzoba yisizini enzima kuze kube sekugcineni,” kusho lo mqeqeshi.

“Okwethu nje ukuthi siqhubeke nokulwa ngoba iphuzu nephuzu kithi libalulekile. Kumele siphume ngokushesha kule ndawo esikuyo.

“Imidlalo iza ilandelana futhi akuthina sodwa, wonke amaqembu adlala njalo ngemuva kwezinsuku ezintathu.

“Kumele siye ezitheni zethu sifike sizinike inkinga bese sibona ukuthi kuphetha kanjani.”

IRockets inomdlalo onzima kakhulu ngoLwesibili lapho izobhekana naMaZulu FC eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.