URamovic ubona sekuntwela ezansi kwiGalaxy egaxele ezembeni

URamovic ubona sekuntwela ezansi kwiGalaxy egaxele ezembeni
USead Ramovic
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ubona sekulunga futhi sekuseduze ukuthi zijike izinto umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic.

Lo mqeqeshi useveze ukuthi abadlali babonakala sebeyiqonda indlela afuna bedlale ngayo futhi unethemba ukuthi imiphumela izojika maduze.

iRockets iyiqale kabi isizini kwiDStv Premiership njengoba kuyiyo eyibambe emsileni kumanje.

Emidlalweni eyisishiyagalombili, iGalaxy ayikawini futhi isenamaphuzu amabili kuphela – idlale ngokulingana kabili, yahlulwa kweyisithupha.

Nokho kule midlalo emibili edlule, ubusubonakala umehluko kwindlela elidlala ngayo leli qembu.

“Uma ufuna ukuba nethuba lokuwina kunoma yiliphi iqembu kwiligi, kumele ube sesimweni esifanele,” usho kanje uRamovic ngoMsombuluko. 

“Ngakho njengamanje sinakho konke esikudingayo. Ngikholwa wukuthi ukuzikhandla, isineke nokuzinikela kubalulekile ekutheni uwine imidlalo.

“Ngikholwa ukuthi kungumsebenzi womqeqeshi ukufaka abadlali esimweni esihle somqondo.

“Lokho kubalulekile ngoba indlela ofuna kudlalwe ngayo isebenza uma abadlali besesimweni esihle ngokwengqondo.

“Sinomdlalo ozayo maduze futhi ngikholwa wukuthi sesikulungele ukukhipha amangwevu bese siwuwina,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eGermany.

URamovic uthi ufuna iqembu lakhe likwazi ukugcina ibhola ukuze lilawule umdlalo bese liba nethuba lokunqoba.

“Ukuphatha ibhola kubalulekile ngoba uma ungaligcini ibhola, awukwazi ukwakha amathuba okushaya amagoli.

“Futhi uba sengozini enkulu yokuthi amagoli angene ngakuwe,” kuchaza yena.

“Osekumele sikwenze wukuthi singatatazeli ezimweni ezithile zomdlalo. Okunye okumqoka ukuthi ngaphezu kokugcina ibhola ijubane, ukukwazi ukuphasa kahle ibhola, ukucindezela nokukwazi ukubona intuba yokuhlasela.

“Kuningi okumele ukwenze ukuze uligcine kahle ibhola. Kumele wazi ukuthi kumele uyiqale nini iminyakazo.

“Wazi ukuthi kunini la kumele usebenzise khona ijubane nokuthi kunini la kumele wehlise khona isivinini somdlalo.

“AMacebo nawo abalulekile ngoba wonke umdlali osenkundleni kumele akwazi ukuthi yini adinga ukuyenza futhi nini.

“Okuhle ke wukuthi abadlali sebeqalile ukuyibamba yonke lento engiyifunayo kubona.

“Ngicabanga ukuthi kubonakalile lokho emdlalweni wethu odlule la sakhe khona inqwaba yamathuba kodwa asangawasebenzisa.

FUNDA NALA: U-Agay ujabule ngakwenzela iChiefs 

“Njengamanje sezimbili izinto okumele sizenze kahle: okokuqala ukuvala kahle emuva.

“Uma ungavali kahle emuva ugcina sewungenelwa amagoli kalula bese kuba nzima ukuwina imidlalo.

“Okwesibili, kumele siphucule indlela esihlasela ngayo ngoba asikwazi ukwakha amathuba bese singawashayi amagoli.

“Sibe neviki elihle (lokuzcija) futhi abadlali sebekulungele ukudlala kanti ngikholwa wukuthi sesifikile isikhathi sokujika izinto.”

IGalaxy inomdlalo ongelula njengoba izobhekana neBaroka FC okungelula ukuyazi ukuthi iyiqembu elinjani.

Lo mdlalo uzoba seMbombela Stadium ngoLwesibili ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.