URasta udwebe uMcCarthy, manje usefuna ukucula naye

McCarthy Rasta
UBenni McCarthy noRasta
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Facebook

Umdweni osezakhele igama ngemifanekiso yakhe yabantu abadumile kulei, uLebani Sirenje odume ngelikaRasta, usehloniphe umqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy. URasta udwebe lo mqeqeshi athi izimanga azenze Osuthwini akumele zizitshwe.

Nokho imifanekiso yakhe ishiye imubuzo ngokuthi engabe ngubani lo amdwezibe. Kodwa ke asikho lapho. URasta kuthiwa usefuna ukwenza ingoma naye lo mqeqeshi. Angithi phela uMcCarthy wake wayenza ingoma esadlala neqembu leKwaito iTKZee eyayithi “Halakasha”.

URasta uthi ufuna kuvele kunengoma ayihlanganisa noRhumshidi noDJ Dix kanti manje usefuna ukufaka nalo mqeqeshi kuyo. Uthe uzoba nomhlangano noMcCarthy nemenja yakhe maduze nje ukuqedela lolu daba.

URasta ubeseThekwini wahlangana naye uMcCarthy nezikhulu zoSuthu njengoba ebeyohlonipha lo mqeqeshi.

“NgiseThekwini njengamanje, ngizohlangana noBenni nemenenja yakhe. Kukhona ingoma esiyihlanganisayo engifuna ukumbophela kuyo,” kusho uRasta ekhuluma nabePhakaaathi.

Uthe into ayithandile ngalo mqeqeshi wukuthi ufice AmaZulu edunguzela, kodwa wawanyanga avuka aba ngumqemane. Usuthu seluzoqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership kanti luke lwayimincisa iMamelodi Sundowns edle isicoco.

“Uma ubheka ukuthi usenzeni uMcCarthy kusukela efike Osuthwini uzovumelana nami ukuthi uyinkakha. Wenze umsebenzi oncomekayo, ethathe leli qembu lingasemsileni walisa le phezulu.

“Ngumsebenzi omuhle lona futhi ukufanele ukuba ngimhloniphe ngomdwebo njengenkakha yethu esaphila,” kusho uRasta.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *