Sihle Ndlovu
ULucas “Rhoo” Radebe, owake waba ngukaputeni weBafana Bafana uthi, unethemba elikhulu lokuthi iqembu lakuleli lizokwazi ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, e-Ivory Coast.
Usho lokhu ngemuva kokuthi iNingizimu Afrika ifakwe eqoqweni elilodwa neMorocco, Zimbabwe neLiberia, ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azodlala imidlalo yokuhlungela i-Afcon ngoLwesibili ebusuku.
“Ngicabanga ukuthi singakwazi ukubhekana ngempumelelo nomakhelwane bethu (iZimbabwe),” kusho uRadebe.
“Nginethemba elikhulu ukuthi sizokwazi ukudlula kuleli qoqo yize kukhona iMorocco ethanda ukuba yizwe eliqinile.”
IBafana ihlulekile ukuya eCameroon kwi-Afcon nonyaka. Okuqaphelekayo ukuthi iZimbabwe seyijwayele ukuba soqoqweni leBafana emidlalweni yokuhlunga njengoba kade ikhona kuhlungelwa iNdebe yoMhlaba.
Imidlalo yokuhlunngela i-Afcon ka-2023 izoqala ngoMeyi 30.
Ami kanje amaqoqo esewomke:
Group A:
Nigeria
Sierra Leone
Guinea-Bissau
Sao Tome/ Mauritius
Group B:
Burkina Faso
Cape Verde
Togo
Eswatini
Group C:
Cameroon
Kenya
Namibia
Burundi
Group D:
Egypt
Guniea
Malawi
Ethiopia
Group E:
Ghana
Madagascar
Central Africa Republic
Angola
Group F:
Algeria
Uganda
Niger
Tanzania
Group G:
Mali
Congo
The Gambia
South Sudan
Group H:
Ivory Coast
Zambia
Comoros
Lesotho
Group I:
DR Congo
Gabon
Mauritania
Sudan
Group J:
Tunisia
Equitorial Guinea
Libya
Botswana
Group K:
Morocco
South Africa
Zimbabwe
Liberia
Group L:
Senegal
Benin
Mozambique
Rwanda