URhoo uyamthanda uTau kodwa uhamba neLeeds

Sihle Ndlovu

Owayengukaputeni weLeeds United, uLucas “Rhoo” Radebe, uthi umthanda impela uPercy “Lion of Juda” Tau weBrighton & Hove Albion kodwa ufuna amaphuzu amathathu akhale emuke nezakhe (iLeeds).

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni we-English Premier League e-Elland Road, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama. Abathandi bakanobhutshuzwayo abaningi baseNingizimu Afrika bazobe bethe nje kulo mdlalo ngoba kuzobe kudlala uTau wakuleli. Uzobe edlala umdlalo wakhe wesibili weligi njengoba eqalile bebhekene neManchester City phakathi nesonto.

Ekhuluma ne-impempe.com ngaphambi kwalo mdlalo, uRadebe uthe kuzoshuba kakhulu e-Elland Road.

“Kuzoba nzima kakhulu ukukhetha uhlangothi engizolweseka. Ngiyazi ukuthi womabili amaqembu adinga amaphuzu ukuze ahlale kwiligi. Ngiyafuna ukuthi uTau adlale kahle kodwa iLeeds iyawadinga amaphuzu ikakhulukazi njengoba idlalela ekhaya. Sidinga amaphuzu amathathu,” kusho uRadebe odlalele iLeeds iminyaka engu-11.

“Noma kungathiwa uTau ushaya igoli elilodwa kodwa umphumela kumele ube ngu 3-1 okungasenani. Kodwa ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo omuhle futhi ngizobe ngiwubuka, ngifisela uTau konke okuhle. Udlale kahle kakhulu bebhekene neMan City, ngakho ngicabanga ukuthi uzosinika ubunzima obukhulu. Nokho kumele sizame njengeLeeds United ukuthola amaphuzu amathathu.”

URadebe (51) ushiye ezenzele igama kwiLeeds eminyakeni ayihlalile kuyona. Kukhona ngisho umgwaqo nobhiya okuqanjwe ngaye kuleliya dolobha. Udlalele iLeeds imidlalo engu-201