URia Ledwaba akangeni nakancane ‘kuJulayi’ ngoJordaan

UBrian Baloyi, uRia Ledwaba noMark Fish
OkaDonga Gumbi

URia Ledwaba ufuna iSouth African Football Association (Safa) elawulwa yimithetho negxile ebholeni emazingeni aphansi.

ULedwaba, ongomunye wabangenele ukhetho lokuba ngumengameli weSafa, ukholwa wukuthi le nhlangano eyengamele ibhola kuleli ibilokhu iphethwe ngobukhulu ubuhlathi nguDanny Jordaan.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba, lapho ephinde wacacisa ngokufaka kwakhe isicelo sokumisa ukhetho lukaJuni 25, uLedwaba uthe funa iSafa iphathwe ngokwemithetho nemibandela.

“Ngimile lapha futhi akekho ongangitshela ukuthi angenzeni. Futhi akekho noyedwa umuntu engingamkhonza. Into engingayikhonza yilowa mqulu ophethe indlela okuhanjiswa ngayo kwiSafa,” kusho uLedwaba.

Lokhu kunanelwe ngabantu abaningi ngehlombe, kanti phakathi kwabo bekukhona izinkakha, uBrian Baloyi noMark Fish.

“Njalo uma ngikhuluma ngisusela kulokho. Wonke umuntu uma ekhuluma kumele asitshele ukuthi le nto asuke eyisho uyisusela kumuphi umgomo wenhlangano. Uma ngithumela okuthile kumele kwesekwe yinqubo yenhlangano.”

Uphinde waphawula ngokungaxhaseki ngokwanele kwabengamele ibhola emazingeni aphansi kwiSafa, akholwa wukuthi kunomthelela omkhulu ekuthuthukisweni kwebhola kubadlali.

Ukholwa wukuthi ngaphambi kokuba neBafana Bafana ekahle kumele sibe nezingqalasizinda ezikahle zabadlali ukuthi bathuthukiswe ngendlela eqondile.

Ufuna izinkanga zebhola zingashiywa ngaphandle ikakhulukazi ebholeni lezikole nokuthi ufuna kube nophiko kwiSafa oluzobhekana nebhola labesifazane, nalo lolo phiko luphathwe abesifazane.

“Ayikho imali exhasa iLocal Foofball Association (LFA) futhi izinto kumele ziqale zilungiswe kusuka lapho. Aziqali ukulungiswa kwiBafana kodwa ziqala emazingeni aphansi.

“…amaLFA akumele ancike kuphela ku-R35 000 awuthola ezifundeni, nawo okuba yinhlanhla bewutholile ngesinye isikhathi. Imali evela kwiFifa kumele isetshenziswe kumaLFA hhayi ukukhokhela imiholo yabantu.”

Ube esenxusa abadlali bakudala ukuthi bazimbandakanye ebholeni hhayi kuphela uma kunemicimbi exhasiwe.

“ISafa kumele ikhululeke futhi lokho ngiyakuthembisa,” kuphetha uLedwada.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.