URiveiro akasatshiswa wumlando weDowns wokushawa iPirates

Riveiro akasatshiswa wumlando weDowns wokushawa iPirates
UJose Riveiro
Sbongs Gumbi

Kula masizini ambalwa edlule iMamelodi Sundowns beyivele ivukwe amadlingozi uma ibhekene ne-Orlando Pirates bese ibukisa ngayo kodwa uJose Riveiro akumthusi lokho.

Lo mqeqeshi okunguye ocija iPirates njengamanje, uthi lokho akumthusi futhi akusho lutho ngoba sekukhona yena manje, sekwenziwa ngendlela ehlukile.

Ukhuluma kanjena nje uRiveiro ezakhe zizogadulisana neSundowns e-Orlando Stadium emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 ngoMgqibelo ntambama.

“Ngeke kudlale umlando wamasizini amabili edlule ngoMgqibelo, lokho nginesiqiniseko sakho,” kusho uRiveiro kwabezindaba kuleli viki.

“Umlando ngumlando, usuwenzekile wadlula ngakho thina sizama ukubheka phambili ngethemba ngokuqonda ukuthi sekungelinye ikhasi kule sizini.

“Sinethuba lokubhala umlando kabusah futhi yilokho esizama ukukwenza kuyo yonke imidlalo yethu, futhi nalona awuhlukile kulokho.

“Akukhathalekile ukuthi sikhuluma ngomdlalo owandulela owamanqamu noma iMamelodi Sundowns noma ngabe yiliphi iqembu eliphambi kwethu,” kuchaza u-Riveiro.

Uthe ngokubona kwakhe umphumela walo mdlalo uyocaca kahle emlenzeni wesibili iSundowns ekhethe ukuyowudlalela ePolokwane.

“Ngicabanga ukuthi akukho okuzocaca ngoMgqibelo. Uma kwenzeka, ngethemba ukuthi kuyoba ngumphumela ovuna thina.

FUNDA NALA: UMngqithi umtshele ezikabhoqo uHugo Broos weBafana

“Kodwa kumele sidlale imidlalo emibili wamaqembu amabili amahle nahlome ngabadlali abasezingeni futhi aphekwe ngendlela. Yingakho ngingaboni kuba khona okuhlalukayo ngoMgeibelo.

“Kumele sikuqonde ukuthi lona ngumdlalo wemizuzu engu-180 noma ngaphezulu kanti ngoMgqibelo umzuliswano wkuqala nje ngakho sizozama ukudlala ngendlela yethu esiyijwayele.

“Ngiyethembisa ukuthi ngeke sizame ukujika izinto ngoba nakhu sesibheke ukuthi sidlala nobani. Siyazama ukwenza izinto ngendlela eyodwa kuyo yonke imidlalo, ngeke sishintshe nakulona.

“Sinethuba ngoMgqibelo lokuveza ukuthi yini esikwazi ukuyenza futhi sizolisebenzisa,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eSpain.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *