URiveiro uvikela uNkosinathi Sibisi ogeje iphenathi

OwePirates uvikela uNkosinathi Sibisi ogeje iphenathi
UNkosinathi Sibisi noMxolisi Macuphu

 

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi akuyona nento okumele ngabe kuyakhulunywa ngayo eyokushweba kukaNkosinathi Sibisi iphenathi.

USibisi ugeje le phenathi ngesikhathi i-Orlando Pirates ibhekene naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesihlanu kusihlwa.

Ukube ubeyishaye phakathi le phenathi uSibisi iPirates beyizowina lo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngo 2-1.

KOdwa igcine icazelana amaphuzu noSuthu nokuyenze yama ndawonye kwilogi okwehlisa amathuba okuthi ingakwazi ukuhubha iMamelodi Sundowns.

“Into engabalulekile nhlobo nje leyo,” kusho lo mqeqeshi odabuka eSpain ebuzwa ngale phenathi ngemuva komdlalo.

“Kumele kube khona oshaya iphenathi, kulokhu kube nguye, siyambonga ngokukwenza lokho ngoba akulula ukusukuma uthi uzoyishaya wena.

“Ngethemba ukuthi sizokwazi ukuqhubeka nokwakha amathuba bese sithola namaphenathi abe maningi,” kuqhuba yena.

FUNDA NALA: UZwane ukhala ngokuganga kwabadlali bakhe beshaywa yiChippa

Uthe uSibisi ungumfana oqinile ngokwengqondo futhi uzosheshe akudlulise lokhu okwenzekile bese eqhubeka nomsebenzi wakhe.

“USibisi uzodlula masinyane kulento. Sonke siphoxekile ngomphumela kodwa akungoba sishwebe iphenathi kuphela,” kuchaza uRiveiro.

Okumbuyisela ithemba uRiveiro ukuthi iPirates ikwazile ukuthola igoli kulo mdlalo iqeda indlala yemidlalo emine.

Uzothemba ukuthi bazokwazi ukuthola iwini yokuqala ngemuva kwemidlalo emihlanu uma seyibhekene neGolden Arrows ekuhambeni ngoLwesibili kusihlwa.

Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *