URizwan wePakistan uwenzele phansi amaProteas kwiT20 yokuqala

Ukudlala kahle kukaReeza Hendricks akuwasizanga amaProteas kwiT20 yokuqala ePakistan

SIHLE NDLOVU

Iyiqale ngebatha imidlalo yeT20 iNingizimu Afrika ishaywa yiPakistan ngama-run amathathu emdlalweni wokuqala kwemitthathu, eGaddafi Stadium, ePakistan, ngoLwesine.

Kule nkundla eqanjwe ngomholi waseLibya ongasekho, uMaummar Gaddafi, iNingizimu Afrika iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala. IPakistan ikhombise indluzula yize ilahlekelwe yikhethi nge-over yokuqala.

Bekubhoke uMohammad Rizwan ogcine eshaye ama-run angu-104 engaphumanga. Empelani uRizwan uyena owinise iPakistan ngoba abanye abadlali beqembu lasekhaya ayikho into abayenzile kulo mdlalo.

Ukudlala kahle kukaRizwan kwenze iPakistan yabeka ama-run angu 169 ebhodini ngemuva kwama-over angu-20. Kule innings ishaye o-6 abangu-11 okuyinto engavamisile emdlalweni weT20.

Iphendula iNingizimu Afrika iwuqale kahle umdlalo ikhombisa ukuthi ifuna ukuwina umdlalo. Inkinga iqale ngokuthi kuphume uJ Milan owenze ama-run angu-44. Ngesikhathi esesenkundleni uMilan yonke into ibihamba kahle kumaProteas, kubukeka sengathi azoyishaya intambo.

Ama-run kaReeza Hendrciks (54) nawo awasizanga njengoba egcine ephumile izinto zagcina zingahambi kahle kumaProteas. U-Andile Phehlukwayo obebukeka sengathi uzoweza amaProteas ugcine ephume kabuhlungu enama-run angu-14. Ngemuva kwalokho zivele zehla ngohologo kubadlali ababhethayo beNingizimu Afrika njengoba bebehluleka ukubhekana ne-spin sePakistan.

Ukuwina kwePakistan kuchaza ukuthi isihamba phambili ngo 1-0 kulolu chungechunge lwemidlalo yeT20 emithathu. INingizimu Afrika kufanele izame ukuthi ikuqine nokuthola iwini kwiT20 yesibili esenkundleni efanayo ngoMgqibelo ntambama.

Umdlalo wokugcina weT20 nawo uzoba senkundleni efanayo ngeSonto, kanti ngemuva kwalokho amaProteas azobuyela ekhaya. Kuzokhumbuleka ukuthi uhambo lwe-Australia oluza eNingizimu Afrika lugcine lungaphumelelanga, ngakho amaProteas azoke athi gozololo ngemuva kokubuya ePakistan.

sihle@impempe.com

Twitter: @NtwanaSihle

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *