UDABA: Njabulo Shezi
ISITHOMBE: Instagram
Ugcine ephelele kwiManchester United aduma kuyo uRonaldo ngemuva kokulaxaza iJuventus abesahlale kuyo amasizini amabili kuleli qembu lase-Italy.
URonaldo wazakhela elikhulu igama kwiManchester United ngesikhathi edlala kuyo. Wayengalibheki ipali kanti yilokho okwagcina kumholele ekuthenini athengwe yiReal Madrid yaseSpain.
Yilapho afike walenza lamnandi ibhola ngesikhathi abalandeli benokumqhathanisa noLeo Messi owayegijima kwiBarcelona ngaleso sikhathi.
Umncintiswano wabo wadonsa kakhulu amehlo abantu ebholeni lezinyawo umhlaba wonke jikelele. Namanje akukavunyelwana ukuthi ubani ongcono kunomunye.
URonaldo ushiye kwiJuventus esegijime imidlalo engu-97 wabeka enethini amagoli angu-81 kusukela ejoyine leli qembu ngonyaka ka-2018.
FUNDA NALA: UDolly ubona kuza kahle kwiChiefs
Kulindeleke lukhulu kuyena njengoba esesayine kwiManchester United. Bekuke kwanokuqagela okuningi ngekusasa lakhe.
Uke wakhonjwa nakwiManchester City kodwa wonke lawo mahlebezi agcine ephelele ezeni njengoba esebuyele ekhaya e-Old Trafford.