URossouw uqophe umlando kwiNdebe yoMhlaba e-Australia

URilee Rossouw wamaProteas

 

Kugqame uRilee Rossouw ngesikhathi iNingizimu Afrika ishaya iBangladesh ngama-run angu-104 emdlalweni weNdebe yoMhlaba yeT20 eSydney Cricket Ground ngoLwesine.

Lo mdlali uqophe umlando eba ngowokuqala ukuhlanganisa ama-run angu-100 kabili kulandelana emidlalweni yeT20. Ukwenzile lokhu amaProteas ebhekene ne-India lapho ehlanganise khona angu-100, kwathi ngoLwesine waqobela phakathi angu-109.

URossouw noQuinton de Kock bashaye into ecokeme ukuqinisekisa ukuthi amaProteas ahlanganisa ama-run angu-205 kusaphume abahlanu kuphela. UDe Kock wenze ama-run angu-63 kanti iNingizimu Afrika ibe yizwe lokuqala ukufinyelela kuma-run angu-200 kule Ndebe yoMhlaba eqhubekayo e-Australia.

Iphendula iBangladesh kusheshe konakala ilahlekelwa amawikhethi amane kwi-powerplay. Bekubhoke u-Anrich Nortje othathe amawikhethi amane ngokushesha yacobeka iBangladesh. Omunye umdlali odlale kahle uTabraize Shamsi othathe amawikhethi amathathu. IBangladesh ikhishwe yonke isenze ama-run angu-101.

Ukuwina kwamaProteas kuwabeka esicongweni eqoqweni lawo. Umdlalo wokuqala phakathi kwamaProteas neZimbabwe uphazanyiswe yimvula nokuchaza ukuthi amaqembu athole iphuzu elilodwa.

Emdlalweni olandelayo amaProteas azobhekana ne-India e-Optus Stadium, ePerth, ngeSonto ngo-1 emini.

Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *