URulani ubona ubungozi kwiChippa, kodwa uthi bengabuvika

URulani ubona ubungozi kwiChippa, kodwa uthi bengabuvika
URulani Mokwena
OkaDonga Gumbi

IMamelodi Sundowns izobe obheke ukwelula igebe ezihola ngalo phambili kwiDStv Premiership uma seyigadulisana neChippa United ngoMsombuluko kusihlwa.

La maqembu azobhekana emdlalweni weligi ozoba seLoftus Versveld kanti ubekelwe ukuthi uqale ngo-7.30 kusihlwa.

ISundowns iya kulo mdlalo nje ihambela phezulu kulandela ukuzidlela kwayo amahlanga kwiRichards Bay emdlalweni weNedbank Cup iyishaya ngo 4-0 ngoLwesihlanu.

IChippa yona yazithola ikhala ngaphansi kwi-University of Pretoria emqhudelwaneni ofanayo ngawo uLwesihlanu.

“IChippa izobe ihluke kakhulu uma kuqhathaniswa nalo mdlalo esiphuma kuwo,” kusho uMokwena.

“Ngicabanga ukuthi okubasizayo wukuthi usekhona umthelela kaGavin Hunt, sibabukile bedllaa neTuks kanti babe nebhadi nje ukungenelwa amagoli amabili.

“Babenedlela yabo ecacile abadlala ngayo – basebenzisa amandla kanti baqala le phambili ukukucindezela ngo-Eva Nga noThokozani Sekotlong.

FUNDA NALA: UFrosler usabheke ukugcina edle izindebe neChiefs

“Kumele ngiwuncome nomsebenzi owenziwe uKurt Lentjies ngoba muhle. Wengeze okuhlukile eqenjini futhi sebengcono kakhuu manje.

“Sebeyakwazi ukuqala iminyakazo emuva kahle nje futhi babukeka bekhululekile uma bephethe ibhola bebheka izikhala zokukuhlasela,” kuchaza uMokwena.

“Bengasithwesa impela ubunzima kodwa lokho yizinto okumele sikwazi ukubhekana nazo ngokuthi sikwazi ufunda indlela abazama ukusigqobhoza ngayo.

“Umdlalo esiwujahile ngoba uza nenselelo ehlukile kanti uza nje kusaphele izinsuku ezimbli sisuka komunye okuyinselelo ekutheni sizivuselela kanjani ngemuva kwemidlalo.”

Uma iwaqoqe ephelele amaphuzu kulo mdlalo, iSundowns izobe seyiba negebe lamaphuzu angu-17 okuzoqansisa kakhulu emaqenjini asazama ukuyihubha.

Ngemuva kwalo mdlalo izobe seyibhekana ne-Al Hilal Omdurman yaseSudan emdlalweni weCaf Champions League ngoLwesihlanu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *