URulani ufuna bazibambe ziqine kwiJwaneng koweChampions League

Sihle Ndlovu

Akafuni bayithathe kancane iJwaneng Galaxy, yaseBotswana, umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena.

La maqembu azotholana phezulu emlenzeni wesibili weCAF Champions League kusasa ngo-4 ntambama. Umlenze wokuqala waphela ngo 2-0 eJwaneng, eBotswana kodwa uMokwena akafuni nakancane kubangene emakhanda lokho.

“Sizamile ngakho konke ukulungiselela umdlalo. U 2-0 kuhlale kungamagoli noma umphumela oyingozi, ikakhulukazi uma usephakathi nalokhu osuke ufuna ukukuzuza. Sizothatha sengathi sisadlale imizuzu engu-45 kuphela yomdlalo, bese le engu-90 esizoyidlala siyithathe njengesiwombe sesibili,” kusho uMokwena.

Iqembu elizowina kulo mdlalo wangoLwesibili lizozibekisela indawo emidlalweni yamaqoqo.

“Kumele sizilungiselele ngayo yonke indlela. Ukuzithela ngabandayo kungaba yingozi enkulu kithina, kumele sikuqaphele lokho. Asikho esimeni esisivunayo. Uma usesimeni esikuvunayo uba nokukhululeka okukhulu. Lokho kudala ukuthi uzithele ngabandayo, okuyinto okungamele yenzeke. Kumele sizimisele ngoba siya kulo mdlalo saziwa njengelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika. Kukhulu okulindeleke kithina,” kuchaza uMokwena.

Uthe iJwaneng akulula neze ukudlala nayo yize bayishaya emlenzeni wokuqala.

“Angazike noma bazonquma ukuhlasela, okanye bazohlala emuva bese befuna ukusizuma. Okubalulekile ukuthi kumele sikwazi ukumelana nama-free kick namakhona abo,” kuphetha uMokwena.

ISundowns iyibambe kwiChampions League nelinye iqembu laseNingizimu Afrika, iKaizer Chiefs. Amakhosi azobhekana nePrimeiro de Agosto yase-Angola ngoLwesibili ntambama.

Khonamanjalo umdlalo weCAF Confederation Cup phakathi kwe-Orlando Pirates neSagrada Esparanca yase-Angola, ngeke usaba khona. Lo mdlalo womlenze wesibili bekumele ube se-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesithathu ntambama. Emlenzeni wokuqala kwawina iBucs ngo 1-0 ekuhambeni.

Ukubhuntsha komdlalo kuchaza ukuthi iPirates iyona ezodlulela phambili kulo mqhudelwano.