URulani ugcizelela ukubaluleka komdlalo weNedbank Cup

URulani Mokwena oqeqesha iMamelodi Sundowns

SIHLE NDLOVU

URulani Mokwena, oqeqesha iMamelodi Sundowns, uthi akakwazi nokuchaza ukuthi ubaluleke kangakanani umdlalo weNedbank Cup Last 16 abazowudlala nePolokwane City, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu ngo-3 ntambama.

Lo mdlalo iwona wodwa weLast 16 obusasele ngenxa yokuthi iSundowns ibuye ibe matasatasa nemidlalo yeCAF Champions League eqhubekayo njengamanje. UMokwena uzwakale ekufuna kakhulu ukudlulela kuma-quarterfinal ngakho ngeke kulindeleke ukuthi amaBrazilians awuthathe kancane lo mdlalo womkhumulajezi.

“Sidlala umdlalo omkhulu, ngumdlalo omkhulu kakhulu kithina. Ngeke sikwazi ukugcizelela ngokwanele ukuthi lo mdlalo ubaluleke kangakanani kithina. Sidlala neqembu elizelwe kabusha elisanda kuthola umqeqeshi omusha.

“Uma ubheka imidlalo yabo edlule, bawine emibili badlala ngokulingana emibili. Banabadlali abahle kakhulu abehle nabo bevela esigabeni esiphezulu. Kuzomele sisebenze kanzima kakhulu ukuze sishaye igoli ngoba abadlali abane babo abadlala odongeni bahle kakhulu. UMotloung noButhelezi maphakathi nenkundla, kanti banomdlali omuhle kwesokunxele emuva uGoss (Dillon). Banonozinti abahle kakhulu uHarold Ndlovu noChikwe,” kusho uMokwena, ohlale ezwakala ukuthi wakufunda kahle kuPitso Mosimane ukucubungula umdlali ngamunye weqembu abasuke bezobhekana nalo.

“Esiswini banoDanny Phiri okwazi ukubamba ngqi isisu sabo nokubanika ithuba elikahle lokuthola amabhola. Phambili kukhona uCharlton Mashumba, kanti kukhona noPuleng Tlolane. Ngakho akuyena umqeqeshi kuphela nomfutho afike nawo kodwa nabadlali abakhona bangenza konke ukuthi bathole imiphumela.”

UMokwena uthe akafuni nje abadlali bakhe bacabange ukuthi bangayithatha kancane iPolokwane ngoba nakhu idlala kwiGladAfrica Championship.

“Asikwenzi nje lokho futhi asikuvumeli. Sizibekele izinto ezinkulu kakhulu ngakho lona nakanjani omunye wemidlalo ebalulekile kithina kule sizini,” kuphetha uMokwena.

 

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *