URyder ubeyiKaizer Chiefs, kusho uMotaung ngenkakha yaMakhosi esanda kushona

OkaDonga Gumbi
Unconywe njengoyena mdlali owayehlale ezimisele, futhi wawa evuka neKaizer Chiefs ngesikhathi esengumdlali nangesikhathi esesebenza njengomqeqeshi wabafana abancane, uJohannes “Ryder” Mofokeng, oshone ngoMgqibelo eneminyaka engu-70.
UMofokeng wadlala umdlalo wakhe wokuqala kwiChiefs eneminyaka engu-21 ngemuva lokuba etholwe ngubhuti kasihalo waMakhosi, uButi Motaung, ezidlalela elama-amesha eSoweto.
Waba ngukaputeni isikhathi eside njengoba athatha lesi sikhundla esinikwa ngu-Eddie Lewis owayengumqeqeshi ngaleso sikhathi ngo-1975, kwaze kwaba ngu-1985. Wayegqoka unombolo 2.
UKaizer Motaung umchaze njengomdlali owayehlezi ezimisele, futhi wathi namanje akakakholwa ukuthi akasekho.
“Ukushonelwa wuRyder akukholakali. Awekho amazwi angachaza ukuthi ngizizwa kanjani. URyder wawa evuka nathi futhi walisebenzela ngokuzinikela iqembu esengumdlali, nangesikhathi esengumsebenzi. Ngibonga uMdali ngokuthi asinike ithuba lokwazana naye esaphila. Igama lakhe liyohlala libhalwe ngokugqamile ezincwadini zomlando weKaizer Chiefs. Wakuhlomula konke ayekufisa ngebhola lakhe. Wawina futhi waqukula inqwaba yezindebe. Njengamanje ngifisa ukudlulisela amazwi enduduzo aqhamuka phakathi enhliziyweni yami emndenini wakhe,” kubeka uMotaung.