Usaba ukuzethemba ngokwedlulele kwiSundowns uMngqithi

Usaba ukuzethemba ngokwedlulele kwiSundowns uMngqithi
Abadlali beMamelodi Sundowns
OkaDonga Gumbi

Ubona kungaba wukuzigwaza ngowabo uma iMamelodi Sundowns ingazitshela ukuthi izozigwazela ibhece kwiRichards Bay emdlalweni weNedbank Cup ngoLwesihlanu kusihlwa.

La maqembu azovovana inkani ePrincess Magogo Stadium KwaMashu kanti iSundowns kulindeleke izihubuluzele isobho uma kubhekwa ifomu ebikuyo kuvalelwa amaholidi nabadlali enabo.

“Ngeshwa kumele siyiqale ekuhambeni iNedbank Cup, kodwa sizokwenza konke okusemandleni,”usho kanje uMngqithi ngalo mdlalo.

“Nginethemba elikhulu ngokuthi iqembu seliwulungele lo mdlalo kodwa kuzomele siqaphele songajahi phambili ngoba ukuzethemba ngokweqile kunobungozi.

“Iqembu lubukeka lilihle, kodwa kumele uwuhloniphe umdlalo futhi uzehlise. Kumele sikuqonde ukuthi ngeke kube lula ukudlala neRichards Bay ngoba bayiqembu elihle nabo.

FUNDA NALA: Usuthu aluphumeli obala ngokuziphindiselal kwiPirates 

“Futhi banomlando omuhle kulo mqhudelwano, sebeke bashaya i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs phambilini ngakho uma uyiqembu elikhulu kumele uqaphele.

“Kumele sigade singazitholi sesingene esibalweni samaqembu amakhulu abawashayile kulo mqhudelwano.

“Kuzoba nzima kodwa sizilungiselele kahle impela,” kuchaza lo mqeqeshi odabuka eMzimkhulu KwaZulu-Natal.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.