Usafuna ukuhlala kwiChiefs ‘uMadala’

UBenard Parker no-Itumeleng Khune

MTHOKOZISI MNCUSENI

Akaseyena umgadli weKaizer Chiefs uBernard Parker kodwa usesetshenziswa ngezindlela ezahlukene kuleli qembu elisanda kuqopha umlando ngokuzibekisela indawo esigabeni somkhumulajezi kwiCAF Champions League okokuqala ngqa emlandweni.

Lo mgadli oneminyaka engu-35 uthi abalandeli beChiefs abakususe emiqondweni yabo ukuthi (yena) ungumgadli ngoba akaseyena kepha usesukumela phezulu uma edingeka noma kuphi enkundleni.

Emidlalweni yeligi yeChiefs engu-26 edlule uma uhlanganisa neyangesizini edlule, uParker usashaye igoli elilodwa wakhela uzakwabo elilodwa.

Yize kubukeka kukubi lokhu uParker ofike kwiChiefs ngo-2011 uthi amaphaphu phansi ngoba akaseyena umgadli kodwa okumqoka ukuthi adlale aze aqede ibanga lakhe ebholeni elikhokholwayo kwiChiefs.

“Inkinga ukuthi abantu namanje basathi uma bengibuka babone uParker owumgadli yingakho kungathi ziyathusa izinombolo zami uma uzibheka ngaleyo ndlela,” kusho yena ekhuluma kwiSAfm.

“Sengisabela kuphela uma ngibizwa umqeqeshi. Ngike ngadlala emuva ngakwesonkunxele kodwa isikhathi esiningi sengidlala esisiwini.

“Ngisukumela phezulu njalo uma iqembu lingidinga endaweni ethile. Ngiyajabula ukuthi ngishaye igoli muva nje kodwa okumqoka kimi ukwenza lokhu engisuke ngikufakelwe umqeqeshi enkundleni,” kusho yena.

Amakhosi azibekisele indawo esigabeni somkhumulajezi kwiChampions League okokuqala emlandweni weqembu.

“Kusebenze ingqondo eGuinea (sibambana ngo 2-2 neHoroya) ngoba siye khona sazi ukuthi siyohlaselwa.

“Obekumqoka kithi ukwazi ukuthi yini ebidingeka bese sizama lokho ngobukhulu ubuhlakani.

“Singene enkundleni sazi ukuthi sizothwala kanzima yingakho singene siphethe amahawu. Kudlale izinhliziyo zethu ngaphezu kwemzimba yingakho sibuyena nakho ebesikuyele eGuinea.

Lo mdlali uzimisele ngokuyelula inkontileka yakhe neChiefs yize abaningi bebona isikhathi sakhe sesiphelile kuleli qembu.

“Iphupho lami ukudlalela iChiefs kuze kube ngiyayeka ukudlala ibhola elikhokhelayo. Ngizibona ngiwumdlali weChiefs kuze kube sekugcineni.

“Okumnandi ngalokhu ukuthi imenenja yami imatasa ezingxoxweni neChiefs ngaso lesi sizathu,” kusho yena.

UParker uzishaya isifuba ngendima yena nabanye abadlali abathathwa njengabadala kwiChiefs abayidlalile ekukhuliseni abafana abancane kwazise iqembu alivunyelwe ukusayinisa abadlali.

“Konke lokhu okwenzeka manje izithelo zokuzikhandla kubafana abancane nokulalela uma sibahlahlela indlela (mina) nabanye ozakwethu asebenesikhathi eqenjini,” kusho uParker ephinde ekucacisa ukuthi noma ngabe ubani uthini ngaye kuyena akuthi dikizi nqulu kepha ulwela ukusiza iChiefs iye phambili kwiChampions League.

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.