Usahlose ukukhiqiza abanye ompetha ‘umshini’ owuNdlovu

Usahlose ukukhiqiza abanye ompetha 'umshini' owuNdlovu
USamson Ndlovu
Alfred Ngubane

USamson Ndlovu ongumqeqeshi wesibhakela odabuka eMtubatuba usephenduke umshini wokukhiqiza ompetha kulo mdlalo.

UNdlovu usezibonakalisile ukuthi ungumgqeqeshi onohlonzo ngomsebenzi omuhle awenzela amabhokisa ewaphendula ompetha.

Impempe ikhulume naye ukuthola kabanzi ngomsebenzi wakhe. Usithathe wasibeka ngohambo lwakhe kwezamankomane.

Lesi sidlakela esinguNdlovu sithi ukusebenzela eGauteng kusinikeze inselelo njengoba ukuncintisana kukukhulu khona.

“Kunabaqeqeshi abaningi abaphuma umhlaba wonke lapha,” kusho yena. “Lokhu kungifundise ukusebenza ngokuzikhandla ngoba akulalwa lapha.

“Ngihlala ngifunda amaqhinga amasha njalo ngoba indlela yokuzicija nokukulwa ihlala ishintsha kwezamankomane.

“Ngiyaqinisekisa ukuthi ngenza ngamandla wonke ukuqeqesha lamabhokisa enginawo ukuze babe ngcono, banqobe izimpi zabo,” kuchaze yena.

UGatsheni usekhiqize ompetha abane okungo-Innocent “Tycoon” Mantengu onqobe isicoco sakuleli esisindweni seJunior Bantamweight waphinda wanqoba nese-IBF.

Kukhona nMapule Ngubane onqobe esakuleli esisindweni eLightweight esigabeni sabesifazane, waphinda wanqoba neseWBF.

Wabe eselandelisa ngoTiisetso Mdisadife noLindokuhle Dlamini nabo ebenza ompetha ezigabeni abalwa kuzo.

Yize esuka kude namankomane uNdlovu, uthi kusekuningi asazokufunda njengoba ehlose ukunqoba amabhande amathathu omhlaba.

Uphinde waveza ukuthi usafuna ukuthuthukisa amabhokisa abesifazane njengoba beshoda kakhulu esibhakeleni ikakhulukazi kuleli.

FUNDA NALA: UMkhize uzogijima iComrades ukuzizwela okuziwa abagijimi abaxhasayo

“Abesifazane bayasithanda isibhakela kodwa abaningi abanalwazi ukuthi bengangena kanjani kuso.

“Kumele sibavulele iminyango bese sibasiza ukuze bagcine befike ezingeni eliphezulu ngoba ikhono banalo,”  kusho yena.

Kumanje umatasa noMapule amlungiselela impi yakh ezoba seThekwini ngeSonto eGreyville Race Course.

UMapule uzobe ezama ukubuyisa ibhande lakhe lakuleli aliphucwa ngoba eyivuselele sekudlule isikhathi ilayisense yakhe yokulwa.

Uzobhekana noRushida Malik ophekwa nguDamian Durant oyindodana kaNick “Mthakathi” Durant owakhiqiza inqwaba yompetha ngaphambi kokuba adlule emhlabeni.

UNdlovu uphinde waveza ubudlelwano bakhe noThulani Nkwanyane odume ngelikaDR 3Second oyinyanga, athi umkhiqizela amabhokisa aqhamuka ngaphansi koMkhanyakude naseMpangeni.

“Siyasebenzisana naye ngoba uneso elibukhali lokuhlonza ithalente kubashayisibhakela, bese ebadlulisela kimi ukuthi ngibapholishe kahle.

“OSiyabonga Mpangela, Lindokuhle Dlamini noMantengu baphuma kuye nje,” kuphetha uNdlovu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.