Usajabulisa okwevukana uNyatama uma engena eqenjini eliqala imidlalo kwiSwallows

UMusa Nyatama weSwallows FC osefuna ukulwela ukuqala yonke imidlalo

MTHOKOZISI MNCUSENI

Usavutha umlilo wokuba wumdlali ongcono kunalo anguyena njengamanje uMusa Nyatama weSwallows FC yize eseke wadlalela iThanda Royal Zulu, Bloemfontein Celtic kabili, Mamelodi Sundowns, Orlando Pirates, Maritzburg United namahlandla amabili neHighlands Park.

UNyatama oneminyaka engu-33 ubudala ukujabulele kakhulu ukuthi uBrendon Truter (umqeqeshi weSwallows) umqalise umdlalo kwiNedbank Cup lapho benqobe khona ngo 1-0 kwiCape United eDobsonville Stadium, ngeSonto.

“Kucishe kwafana nokuthi ngiyaqala ukudlalela iSwallows ngoba bengiqala ukuwuqala zisuka umdlalo,” usho kanje uNyatama oseze washayela iSwallows elinye lamagoli amqoka kule sizini igcina umgqigqo wayo wokungehlulwa ibhekene neSundowns emasontweni ambalwa adlule.

Leli goli uNyatama ulishaye ngomzuzu ka-97. Namanje umqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi usakhononda ngalo uthi bekungafanele libalwe ngoba lo mdlali wayesendaweni engamfanele elishaya.

UTruter uqale ngenqwaba yabadlali abangalijwayele ijezi kulo mdlalo okubalwa kubona nonozinti uThela Ngobeni wodumo kwiChiefs.

“Angikungabazi ukuthi kusafanele ngisebenze kanzima ukuphoqa umqeqeshi ukuthi angangikhohlwa uma ebala abadlali abazoqala.

“Akutholakali ngenye indlela lokhu engikufunayo ngaphandle kokuzimisela ukusebenza kakhulu kunalokhu osuke ukwenza.

“Ngijabule ngakho konke eqenjini futhi ngisenayo intshisekelo yokuba umdlali ongcono ngoba lokho ngeke kusize mina kuphela kepha neqembu lizolokhu liqhubeke njalo nokwenza kahle,” kusho lo mdlali.

Mayelana nomdlalo uthe: “Okuhle kunakho konke ukuthi sizodlulela esigabeni esilandelayo. Konke okunye sizokulungisa ngendlela.

“Kubalulekile ukusebenza kithi sonke ngoba kukhulunywa ngathi nje, ingenxa yakho ukunganqeni ukusebenza. Ngikhulekela ukuthi siqhubeke ngaleyo ndlela.”

Uthe umdlalo wabo weligi olandelayo naMaZulu FC, akujabulela kakhulu ngawo ukuthi usekhaya yize engangabazi ukuthi uzobe unzima.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *