Usakulangazelela ukuyodlala phesheya yize iminyaka seyiqala ukumphika uMshishi

Themba Mshishi Zwane
UThemba "Mshishi" Zwane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Njengoba eseneminyaka engu-31, sekuthanda ukuba nzinyana kuThemba “Mshishi” Zwane ukuthi usengalithola ithuba lokuyodlala phesheya. Nokho ithemba alilahlwa ngoba nakhu noSiphiwe Tshabalala walithola esengaphezulu kwale minyaka.

UTshabalala ubena-33 ngesikhathi eshiya kwiKaizer Chiefs eya kwiBB Erzurumspor eTurkey ngo-2018. NoMshishi usakubhekile ukuthi kungakhona okuvelayo ake ayojika khona phesheya ngaphambi kokuwaphonsa ethala amakhokho.

“Yinto engisayicabanga njalo nje leyo,” kusho uZwane weMamelodi Sundowns ekhuluma nabeSAfm ngasekuqaleni kweviki. “Engazitshela khona wukuthi uma ithuba livela, ngiyolisebenzisa. Kodwa uma kungenzeki ngizoqhubeka ngisebenze lana ngizibonakalise. Okwamanje belingakaveli ithuba,” kusho yena.

UZwane ngomunye wabadlali abenze kahle kule sizini futhi uqokiwe emklomelweni omkhulu woMdlali weSizini ezindondweni zokuphetha unyaka zePSL ezizokhishwa ngeSonto kusihlwa.

“Imiklomelo ibalulekile. Ngicabanga ukuthi wonke umdlali uyakufuna ukuzibona enikwa indondo yokwenza kahle ekupheleni kwesizini. Nakimi kunjalo. Kuyangijabulisa ukuqokwa. Yilokho engikufunayo, ukuthi njalo ekupheleni kwesizini ngiqokwe,” kusho uMshishi.

Nokho yena akajabule ngendlela akenze ngayo kule sizini ngoba ukholwa wukuthi ubengenza kangcono. Uthi ukwehluleka wukwandisa isibalo samagoli nesokuwakha yinto engamhleli kahle yize besivikele ngempumelelo isicoco seDStv Premiership.

“Ngingasho ukuthi ngidlale kahle. Kodwa ngibona sengathi angenzanga okwanele. Bekumele ngandise izibalo zami uma kukhulunywa ngokushaya nokwakha amagoli. Yilapho engingenelisekile khona. Khona ngiwatholile amathuba okwandisa izibalo. Kodwa ngisangakwenza lokho ngesizini ezayo.

“Bengiqale kahle kodwa ngalimala. Kuthe uma ngibuya ngabe sengehlelwe yifomu. Nokuthinteka ke bekulokhu kuvela kule sizini.” Uzichaze wathi nguyena injini yeqembu njengoba esuke esekhaleni uma lihlasela. Akasali emuva noma sekuvikwa izitha.

“Ngingumdlali owenza iqembu lidlale. Ngihlale ngifuna ukuzibona ngisebhokisini, kodwa uma silahlekelwe yibhola ngiyafuna nokusiza ukumaka. Ngifuna ukwenza kahle noma ngabe ikuphi la ngidlala khona,” kusho yena.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.