Usale ebalisa uMalesela bedliwa Usuthu ekugcineni

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Usale ephoxekile umqeqeshi weMarumo Gallants uDaniel “Dance” Malesela ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaywe AmaZulu ngo 1-0 ngoLwesihlanu.

Kulo mdlalo weDStv Premiership Usuthu lushaye igoli ngemizuzu yokugcina, kanti libekwe phakathi uThembela Sikhakhane. Bese kubukeka sengathi umdlalo uzophela ngo 0-0 futhi iGallants ike yathola inqwaba yamathuba yangawasebenzisa ngendlela.

“Ngiphoxekile kakhulu ngokwenzekile lapha namuhla, ikakhulukazi indlela esidedele ngayo igoli. Sibe budedengu kakhulu ngasekugcineni komdlalo,” kusho uMalesela.

“Besibona ukuthi bayasicindeza ngama-free kick namakhona futhi besikuthola kunzima ukuwaphebeza. Kodwa siqhubekile nokuthi silokhu sibanika wona elandelana.”

Usuthu beluwina okokuqala kusukela ngo-Okthoba 6 lapho lwashaya khona iCape Town City ngo 2-0. Belulokhu ludlala ngokulingana kwaze kwaba yimidlalo eyisikhombisa.

Ngakolunye uhlangothi iGallants ibisizishintshile izinto selokhu kufike uMalesela. Isisukile emsileni futhi idlala ibhola elihle.

“Sisebenza nabo laba badlali ngeke ulokhu ubathethisa sonke isikhathi. Kumele sibuke izixazululo nokuthi yini esingayenza ukuya phambili,” kubeka uMalesela.

“Sinomdlalo esizowudlala nePirates ngoMsombuluko okumele siwuhlelele. Asibuke ukuthi yini okuhle esiphume nakho kulo mdlalo.

“Into engikhathazayo ukuthi sidinga ukuthi abadlali bethu babe nomqondo wokukhula ukuze siwine imidlalo. Lona umdlalo (ibhola) obaluleke kakhulu kunendlela abanye abacabanga ngayo.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.