Usale ekhala ngebhola lezinyoni uMasutha AmaTuks evulela induku

Usale ekhala 'ngebhola lezinyoni' uMasutha AmaTuks evulela induku
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

UJoel Masutha uthi i-University of Pretoria ididise ezakhe iPretoria Callies ngebhola lezinyoni elindiza emoyeni emdlalweni wabo weGladAfrica Championship ngempelasonto.

UMasutha ukhale ngokuthi abadllai bakhe abakwazanga ukumelana ‘nebhola lezinyoni’ ebelidlalwa AmaTuks kulo mdlalo.

ICallies ivumele labo makhelwane bayo ukuthi babuye kade seyike yabalandelisa ngemuva, bagcina bewine ngo 2-1 kulo mdlalo.

Lo mphumela umshiye ehlelwe wumoya uMasutha obone engathi ezakhe zikwenze konke ebezingakwenza ukuzama ukuwina lo mdlalo. 

Le wini ithathe AmaTuks yawabeka endaweni yesibili kwilogi yalesi sigaba kanti AmaRomans wona asalele emuva kakhulu emaqenjini ahubha ukwenyuselwa kwiDStv Premiership. 

“Senze konke ebesingakwenza ukuwina lo mdlalo,” usho kanje uMasutha ngemuva kwalo mdlalo wangeSonto.

“Sidlale kahle futhi ngeke ngisole muntu ngalo mphumela ngoba asizange sidembesele neze.

“Ukuthi nje besidlala neqembu elenza kube nzima ukudlala nalo ngoba wonke amabhola alo andiza emoyeni. 

“Esiwombeni sokuqala sikwazile ukumelana nalokho kodwa kwesesibili saqala sakhathala sabe sesihluleka.

“Yize besinalo icebo lokubhekana nale nselelo yabo, kodwa kwesinye isikhathi ukujahana nebhola ngaleya ndlela kuyakhathaza.

FUNDA NALA: Kunuka izembe kubaqeqeshi kwiSwallows

“Kubonakalile ukuthi abadlali baya ngokukhathala, ngisho ababo imbala bese bezihudula nje.

“Nokho ngemuva kwakho konke, bebekufanele ukuwina ngoba bashaye amagoli amabili ekubeni thina sishaye elilodwa.

“Sizoqhubeka sisebenze ngokuzikhandla kuze kube siyayithola le miphumela emihle esiyifunayo.”

Owayedlala kwiKaizer Chiefs kudala u-Edmore Chirambandare nguye obeke iRomans phambili esiwombeni sesibili.

Kodwa uLuvuyo Phewa obolekiswe yiMamelodi Sundowns kuMaTuks ube esebuya eshaya amabili esiwombeni sesibili ukuqinisekisa ukuthi amaphuzu ahamba nabo. 

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.