Usale ekhala ngokucucuza kwezakhe phambi kwamapali uMiddendorp eshaywa yiPirates

OkaDonga Gumbi
Ukhala ngokuthi abadlali beMaritzburg United bavele baphelelwe wulwazi namaqhinga uma sebengene engxenyeni yezimbangi sebebheke emapalini umqeqeshi, u-Ernst Middendorp.
Lesi sikhalo salo mqeqeshi odabuka eGermany kodwa osenobuzwe bakuleli kwazise useneminyaka afika eNingizimu Afrika, siqhamuke ngemuva kokuthi ezakhe zihlulekile ukubuya sezilandela ngemuva ngo 1-0 kwi-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership obuseHarry Gwala Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.
Bese kungokwesibili kulandelana leli qembu elidume ngele “Team of Choice” lithola isibhaxu lisekhaya njengoba kuthe naphakathi neviki bavuthululwa yiTS Galaxy ngo 3-0.
Lesi sibhaxu sakamuva sishiye iMaritzburg ihleli endaweni ka-14, namaphuzu ayisishiyagalolunye ngemuva kwemidlalo engu-13. Lesi akusona isimo leli qembu elithanda ukuzithola likuso njengoba laxosha u-Eric Tinkler lalanda uMiddendorp ngethemba lokuthi uzosimamisa iqembu.
“Besingekho ezingeni esaziyo singafika kulo ngesiwombe sokuqala,” usho kanje uMiddendorp, obuye aziwe ngelikaMazinyo. “Esiwombeni sesibili senze uguquko, sabe sesiba ngcono sakwazi nokuncintisana nabo,” kuqhuba uMazinyo.
UMiddendorp ukhale ngokuba buthuntu kwezakhe uma sezibheke emapalini, wathi bavele baphelelwe wulwazi begcine bephisana ngebhola.
“Konke kuncike kwizinqumo ozithatha uma ususondele emapalini esitha. Kumele sithole isixazululo bese sibheka phambili,” kuchaza yena.
Lezi zixazululo akhuluma ngazo lo mqeqeshi obekwiKaizer Chiefs la ecishe wawina khona isicoco seligi ngesizini edlule, kuzomele azithole ngeviki elizayo njengoba ezoba nesikhashana sokudonsa umoya.
IMaritzburg isiyoze idlale ngoMgqibelo ozayo neLamontville Golden Arrows, ekuhambeni eSugar Ray Xulu Stadium,eClermont, ngaphandle kancane kwaseThekwini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *