Usale ekhomba umhlola ekhaya uSteve Barker isimgilile i-Arrows

Umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker ikhala ngokudembesela kwabadlali bakhe

MTHOKOZISI MNCUSENI

Kuzwakale sengathi uwukhomba kubadlali bakhe umunwe ngombozo athi bawudlale esiwombeni sokuqala umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker oxetshulelwe ekhaya yiLamontville Golden Arrows ngo 3-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesihlanu.

Amagoli amabli kaMichael Gumede oqokwe njengomdlali wosuku nelilodwa likaPule Mmodi yiwona okunqobe ngawo Abafana Bes’thende kulo mdlalo obuseDanie Craven Stadium. UJunior Mendietta ushayele iStellies elokubika ekhaya.

Amabili ala magoli kube amaphutha ezitobha zikaBarker azithembayo kwase kuthi elesithathu babanjwa ngejubane kwazise bonke bese bebuyelwe ukuzethemba njengoba iqembu lasekhaya bese likhombisa izimpawu zokubuyelwa umqondo.

“Sishaywe ngamaphutha ethu. Uma kunjalo-ke akukho okutheni ogakusho ngaphandle kokwamukela umphumela osuke uwutholile.

“Amaphutha ikakhulukazi uma enziwa abadlali abayizethenjwa avamise ukukwehlisa ngendlela eyisimanga ukuzethemba kweqembu lonkana,” kusho uBarker.

“Usifanele lo mphumela kodwa la maphutha ayaphoxa ngoba abengagwemeka kalula. Lokho kuhluleka ukuwagwema kudale amagoli amabili.

“Indlela nje esidlale ngayo iyangiphoxa, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Besihlakazekile sidlala into engingayazi.

“Sizithole sesilandela ngemuva obekwenza siklayeke kalula emuva ngoba wonke umuntu ebesebuswa ukuthi kufanele silinganise.

“Igoli lokuqala silibale ukudla ubukhwebezane kuyii-freekick lakhala enethini. Kunesikhathi lapho kungu 2-1 ebese ngibona khona ukuthi sizolinganisa mhlawumbe size sishaye ngisho elokuwina. Kulapho kuqhamuke khona elesiththu elivele lawuqeda wonke umcimbi.

“Sishaywe yiqembu ebelikwazi ebelikuzele lapha lafika futhi lenza ebeliyalelwe kona. Kunzima kithi kodwa akufanele sifadalale ngenxa yalo mphumela. Yebo usifanele (umphumela) kodwa kukithi futhi ukuthi sibhukula kanjani siphume kulesi simo esikusona,” kusho uBarker.

Email: mthokozisi@impempe.com – Twitter: @MthokozMncuseni

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *